UMnisi uphika eyokuphiwa kwabadlali beRoyal AM imali esidlangalaleni

UMnisi uphika eyokuphiwa kwabdlali beRoyal AM imali esidlangalaleni
U-Andile Mpisane ephethe imali
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uphike waze walala ngomhlane uSinky Mnisi oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM ukuthi usihlalo weqembu wayenika abadlali imali yemihlomulo ngemuva komdlalo ngempelasonto.

Ekhuluma kuKhozi FM ngoLwesibili, uMnisi uthe ngamampunge lawo, abantu abazidlalela umona nje abanawo ngoMaMkhize.

I-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa u-Andile Mpisane ebiza abadlali ephethe insavunsavu yemali esandleni.

Lokhu kwenzeka kade beqeda ukuhlula iMaritzburg United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

UMnisi uthe le mali eyayiphethwe uMpisane kwakungeyokunikela ezikhungweni ezimbili zokukhulisa amakhono.

“Angiqale kule yePSL. Kungizwisa ubuhlungu ukuthi thina asivumelekile ukuphawula esidlangalaleni ngezinkinga zethu nePSL ngoba kuthiwa sihlaza iligi.

“Kubuhlungu ke ukuthi thina sesizwa kwabezindaba ukuthi kungenzeka sihlawuliswe. Kulungile lo okushilo lokho, sizolinda kwenzeke.

“Kodwa okungangiphathi kahle ukuthi umthetho usebenza nganxanye. Asingezwa ngabezindaba thina, asaziswe ngencwadi esemthethweni.”

Ube esengena kulolu daba lwemali eyayintaza emoyeni eChatsworth Stadium, wathi abantu bayihlanekezele indlela okwenzeke ngayo.

“Kwesinye isikhathi abantu babona izinto ngendlela abafuna ukuzibona ngayo,” kusho yena.

“Sanquma ukuthi abadlali abahlanganise imali ukuthi uma bewina bazoyinikela ezikhungweni ezimbili.

“U-Andile wabe esethi naye uzofaka imali elinganayo naleyo ezohlanganiswa abadlali athasisele kuyo.

“Kuthe ke ngokugajwa yinjabulo ngemuva komdlalo wabe eseyiveza khona lapho ukuthi nansi le mali ebengiyithembisile.

“Kukuphi (kuleyo video) kunomdlali onikezwa imali, kuthiwe sibanibani nansi imali yakho?

“Abantu sebeyibuyekeza ngendlela yabo nje. Abanye ngathi sekunomona phakathi. Sebehlasela ngakho uMaMkhize.

FUNDA NALA: UCele uveza isizathu esenza agcine engayanga kwiChiefs

“Asisho ukuthi abantu abangasigxeki, kodwa abagxeke ngendlela efanele. Abangakhulumi into engekho.

“Leyo mali siyihambisile namuhla ezikhungweni ezifanele,” kuchaza uMnisi.

Umlaleli ube esebuza ngoHarri Tchilimbou okwezwakala ebizwa kuthiwa akeze phambili.

Wagcina engavelanga lo mdlali njengoba kuthiwa babenamahloni okuzokhangezwa imali kubuka izwe.

“Aqale azokwenzani? Azovuma ingoma noma azotshela abadlali ukuthi le nto ebesivumelene ngayo seyenzekile.

“Yini yona le ayiqalayo?” kuvutha uMnisi ephendula lapho. Ube esethi abanye sebekhonondiswa nayinduku abayithola kwiRoyal AM.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.