UMntambo ukhala ngeChippa efikele iphuzu yaphuma nalo kwiPirates

UMntambo ukhala ngeChippa efikele iphuzu yaphuma nalo kwiPirates
ULinda Mntambo
OkaDonga Gumbi

Iphuzu elihambe neChippa United ngesikhathi iqeda ukubambana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership likhulu kakhulu kuyo.

Kodwa kwiPirates lisho ukuthi ilahlekelwe amabiliabezoyisiza iqinise umkhankaso wayo wokuqeda endaweni yesibili ukuze iyidlala kwiCaf Champions League ngesizini edlule.

Ukube iwathole womathathu amaphuzu iPirates kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili kusihlwa ngabe yenyukele endaweni yesithathu.

Yingakho ke nje umdlali wasesiswini kwiPirates uLinda Mntambo ewakhalela lamaphuzu abehlulekile ukuwagcina besekhaya.

“Ebesikufuna kulo mdlalo wukuthola amaphuzu aphelele ukuze senyuke kwilogi,”  kusho lo mdlali ongene noshintsho oluhle ngesiwombe sesibili.

“Kodwa akwenzekanga ngendlela ebesifuna ngayo ngoba besidlala neqembu ebelihleleke kahle emuva.

FUNDA NALA: UMokwena usola iChiefs nePirates ngokubhacaza kweSundowns kwiChampions League

“Angiqondile ukubedelela kodwa ngicabanga ukuthi bebeze lapha bezitshela ukuthi bazolwela iphuzu.

“Bakwazile ukusivimba emuva ngayo yonke indlela abebengakwazi ngayo,” kusho uMntambo owake wagijima kuyo iChippa.

IPirates ibuyela enkundleni ngoMsumbuluko la izobhekana khona neTS Galaxy ekuhambeni kanti uMntambo uthi sekomele basikhiphele kuyo isibhongo.

“Manje osekusele wukuthi sibuyele emuva siyoqinisa amanadi axegayo bese silungiselela umdlalo olandelayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.