UMntambo wePirates ucacisa ngegoli lakhe elihle ayishaye kwiRoyal AM

UMntambo wePirates ucacisa ngegoli lakhe elihle ayishaye kwiRoyal AM
ULinda Mntambo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ULinda Mntambo ukuvumile ukuthi ube nenhlanhla ngegoli lakhe alishaye i-Orlando Pirates ibambana neRoyal Am emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesine.

UMntambo nguye oshaye igoli lokulinganisa kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ophele zibambene ngo 1-1.

Lo mdlali wasesiswini udonse intambo ekude nepali, yaludla uPeter Nyame obesezintini zeMaMkhize Boys futhi obenamaphutha amaningi kulo mdlalo.

Yize igoli lakhe libe lihle futhi lingase ligcine lingelinye laqokelwa indondo yegoli lenyanga, kodwa uMntambo ukuvezile ukuthi ubengaqondile ukulishaya.

Uthi ubethi uyaligoba ibhola efuna uTshegofatso Mabasa, kodwa alangaya lapho laya epalini lamfica ebanjwe umankunkwane uNyame, lamudla.

“Angiqalanga kahle kulo mdlalo kodwa ngokuhamba kwawo ngingenile efomini ngaqala ngenza izinto ezifanele,”kusho uMntambo.

“Nenhlanhla beyingakimi ngoba ngithe ngiyaligoba ibhola lavele lahamba layogaxela enethini.

“Bengingaqondile ukushaya igoli ngaleya ndlela kodwa ngicabanga ukuthi ngingakhela phezu kwalokhu.

“Kumele ngizikhandle bese ngilandela imiyalelo yabaqeqeshi bese ngingaziphakamisi kodwa ngizibeke phansi.”

Uphinde waveza ukungeneliseki kwakhe ngokuhluleka kwePirates ukuwina kule midlalo esayidlalile.

Emidlalweni eyisishiyagalombili yeligi, iPirates isawine emithathu, yadlala ngokulingana kwemithathu yabe seyihlulwa kwemibili.

“Besidlala neqembu eliqinile futhi sakhe inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala kodwa sihlula ukuwasebenzisa.

“Babe sebelishaya kuqala igoli basifakela ingcindezi. Besihlele ukuwaqoqa wonke amaphuzu kulo mdlalo.

“Bese ngike ngasho ukuthi kumele siqale siqoqe amaphuzu. Sisalele emuva kanti yize kuseva, kodwa amanye amaqembu ayawaqoqa amaphuzu.

“Nathi kunmele siqale siwaqoqe ephelele amaphuzu,” kuchaza uMntambo ngalesi simo.

IPirates isendaweni yesikhombisa kanti isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiMamelodi Sundowns ehlezi eqhulwini kwilogi.

FUNDA NALA: Zisabambe udonga izingane ezathenjiswa izimpahla zokusubatha eMsinga

“Kukhona okuhle okumele sikuthathe kulo mdlalo siye nakho phambili njengokuthi siyawakha amathuba.

“Futhi siyangena ezindweni ezinhle la singakwazi ukushaya khona amagoli. Kumele siqinisekise ukuthi siyakora ukuze siwine imidlalo.

“Isiminingi imidlalo esiyidlalile kodwa singawini sekuqala ukuba yihlazo kithi,” kuqhuba lo mdlali.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.