UMntungwa ufuna ukubuyisa isithunzi samankomane ngokushaya uRay

UMntungwa ufuna ukubuyisa isithunzi samankomane ngokushaya uRay
U-Andile Mntungwa
Alfred Ngubane

U-Andile Mntungwa uthi uzobuyisela ezamankomane lapho ekumele ngabe akhona njengoba ekholwa ukuthi uzoyinqoba impi azoyilwa noCowan Ray.

UMntungwa ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma neMpempe ngalempi yakhe abazobe bebanga kuyo ibhande lakuleli esisindweni seSuper Middleweight.

Le mpi izoba seCambridge Commercial Park eFourways eGauteng ngoLwesine. UMntungwa unqobe ibhande leWBF kulesi sisindo kuLee Dyer ngonyaka odlule.

Uthi njemanje uziqeqesha kahle njengoba elifuna ngamehlo abuhlaza lelibhande.

“Ngiyakuqonda ukuthi ngizolwa noCowan Ray ongumpetha nosekhombise ukukhula okukhulu,” kusho yena.

“Kodwa nami ngiziqeqeshe kahle futhi ngizizwa sengiyilungele impela lempi.” Uphekwa ngu-Alex Mchunu onguyise kaThabiso Mchunu.

FUNDA NALA: UBaxter akayingeni eyabalandeli abafuna ahambe kwiChiefs

URay yena uthi amaphutha adlule kuwo njengoba ubedla izidakamizwa amfundise lukhulu ngempilo.

“Umqeqeshi wami uSebastian Rothman ungitshele kahle manje ukuthi angikhohlwe yizidakamizwa ngibheke umsebenzi wami,” kusho yena.

Kulezi zimpi eziqhathwa nguSifiso Shongwe kuzolwa noMzivukile Magwaca naye owabandakanyeka ekugqekezeni umuzi eKapa.

Lo mshayisibhakela useke waphatha izicoco ezintathu okukhona kuzo eseWBF, WBO ne-IBF. UMagwaca njengamanje usephekwa nguMike Mounenien eKapa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.