UModise weluleke abadlali nabaqeqeshi ngezinkontileka

UModise weluleke abadlali nabaqeqeshi ngezinkontileka
UModise Sefume
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqalwe uhlelo lokucushisa abadlali nabaqeqeshi abasebancane ngezingqinamba abangase bazithole bebhekene nazo uma kwenzeka benikwa izinkontileka ezingeni elikhokhelayo.

Lolu hlelo lwenziwa yinkampani yokubheja iBetway ngaohansi kohlaka lwayo olubizw aiBetway Cares Skills Hub ngokuhlanganyela neFreeState Rugby Union.

Kumenywe uModise Sefume, ongummeli aphinde abe yimenenja yabadlali, ukuthi kube nguye ocushisa abadlali nabaqeqeshi ngezinkinga abavamise ukubhekana nazo ngezinkontileka.

Sekwaba ngumchilo wesidwaba ukungaqondi kahle okuba phakathi kwabadlali nabaqashi babo kubangwa izinto ezikwizinkintileka.

Kugcina kungongaphansi nongaphezulu kuyilo ekhomba omunye, nomunye evikela iso lakhe.

Kokunye kuze kugcine kufikiswene ezinkantolo ngenxa yokungabi nolwazi olwanele kubadlali nabaqeqeshi.

UModise ubacushisile ukuthi kumele balandele miphi imigudu khona bengazozisola ngezimali zabo.

“Akumele bazithole sebengohobo ngenxa yokudla imali budlabha kanjalo nokuxhashwazwa ngabaqashi ngenxa yokungazi ngomthetho namalungelo abo,” kusho uModise.

Baningi kumanje abadlali bebhola lombhoxo abafundela ukuba ngabaqeqeshi ngalo luhlelo kumanje benza uLevel 2.

Nokho kubonakala kusenzima kubaqeqeshi bebala elimnyama ukuthola umsebenzi emaqenjini amakhulu kuleli.

Bazithola bengathuthuki kodwa beqeqeshelwe ukuba ngabaqeqeshi. Abakulungele ukuqeqesha kunoma yisiphi isigaba.

FUNDA NALA: UMngmezulu uthi ngeke azifakele ingcondezi yokuqhulula amagoli kwiGalaxy

UMpho Sekulisa, oyiohini lomqeqeshi eqenjini labesifazane kuCheatahs uthi kumele babhukule khona bezothola amathuba angcono.

“Kumele bangakhathali kepha bakwazi ukubekezela. Baningi kakhulu abaqeqeshi ikakhulukazi abamnyama abangenawo umsebenzi ngenxa yokuntula amathuba,” kusho uSekulisa.

Ube esebeluleka ukuthi baqale lapho bekhona ukusiza ukuthuthukisa nokukhiqiza abadlali abamnyama abazolandela ezinyathelweni zoSiya Kolisa, Trevor Nyakale  nabanye abaningi kuphetha.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.