UMogashoa uthi uTruter unikwe ikhefu, akaxoshiwe kwiSwallows

UMogashoa uthi uTruter unikwe ikhefu, akaxoshiwe kwiSwallows
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi umqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter akamisiwe futhi akaxoshiwe kodwa unikwe ikhefu lamaviki amabili.

Lokhu kulandela ukungaqali kahle kweqembu lakhe kwiDStv Premiership. Kuke kwavela ukuthi lo mqeqeshi umisiwe.

Impempe ibikile ngoLwesibili ukuthi uTruter ubengekho ejimini yeqembu ngoMsombuluko kulandela ukuvela kwalezi zinsolo.

Kodwa usihlalo weqembu uDavid Mogashoa usekuvezile ukuthi akungoba emisiwe noma exoshiwe, kodwa unikwe ikhefu.

“ISwallows ihlale yenza izinto ngendlela engajwayelekile,” ucashunwe esho kanje uMogashoa kwiPhakaaathi ngoLwesithathu.

“Ngesikhathi uTruter ewina iGladAfrica Championship abantu babethi uzoxoshwa. Emavikini amabili ukusuka manje uzobe esebuyile kwiSwallows.”

UMogashoa ube esentinyela kulabo asebegaqele umsebenzi kaTruter asebephithume bathumela izicelo zomsebenzi.

“Abantu sebafana namanqe wona ahlezi elinde umuntu afe bese emthelekela. Kuphume udaba olulodwa nje olungeluhle ngomqeqeshi abantu sebefesela umsebenzi wakhe.

“Sinaye umqeqeshi, asimdingi omunye umqeqeshi… ngingakutshela ngokungesabi kwamanje ukuthi uTruter uzoqeqesha leli qembu kuze kuphele le sizini.”

FUNDA NALA: UPitso uhlawuliselwe ukuhlulwa kumaphenathi kwi-Al Ahly

UMogashoa ukuvezile ukuthi usazohlala phansi noTruter babhekisise kahle ukuthi yini le eyenza iqembu lifane nemoto engavumi ukuduma kule sizini.

“SIneqembu eliqine kahle futhi akumele siphume emdlalweni negoli elilodwa noma amabili kupehal, sizokubheka lokho bese sihlabela phambili.

“Sisabe nomdlalo owodwa obe muhle la sasibhekene khona nePirates kwiMTN 8 kwiRoyal AM (koweligi) sawina ngenhlanhla,” kuchaza uMogashoa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.