UMokoena akayingeni eyeChiefs neSundowns, ufuna ukuya phesheya

UMokoena akayingeni eyeChiefs neSundowns, ufuna ukuya phesheya
UTebogo Mokoena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UTeboho Mokoena useveze ukuthi into ayibheke kakhulu ngekusasa lakhe ebholeni wukuya phesheya uma kwenzeka iSuperSport United iwavula amasango.

UMokoena uke waba sematheni njengoba amaqembu amabili amakhulu kuleli, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns abeconsa amathe emhalela.

Kuke kwaqina namahlebezi okuthi angase ajoyine iChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini kodwa kwagcina kungenzekanga.

Nokho isikhulu seSuperSport uStan Mathews usanda kuveza ukuthi sebezimisele manje ukumdayisa uMokoena uma kuvela iqembu elizimisele ngaye.

UMokoena yena useveze ukuthi ufisa ukuya phesheya uma kwenzeka eshiya kuleli qembu lasePitori.

“Uma kwenzeka, isifiso sami wukuyodlala phesheya kwezilwandle,” ucashunwe esho kanje uMokoena kwiSowetan kuleli viki.

“Noma ngabe yikuphi nephesheya anginankinga. Into ebalulekile wukuthi ngijabule futhi ngidlale lapho ngiya khona.

“Lokho kuyobe kuyisinyathelo esibheke phambili ebholeni lami futhi yilokho engikufisayo njengamanje.”

Uthe yena akakufakanga ekhanda lakhe obekushiwo nobekubhalwa ngaye emataniswa namanye amaqembu kuleli.

Uthi into abeke kuyo ingqondo yakhe wukusiza iSuperSport ifake inselelo esicocweni seligi nezinye kule sizini.

Ufuna nokusiza iBafana Bafana ingene kwiNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eQatar ngonyaka ozayo.

“Njengamanje ngigxile lapha eqenjini. Sisendaweni enhle neBafana futhi yilezo zinto okumele zibuse umqondo wami njengamanje.

“Sijabule ngendawo esikuyo kodwa asizubheka phambili kakhulu okwamanje. Sifuna nje ukubhekana ngomdlalo ngamunye.

“Into esesiyibhekile njengamanje yimidlalo elandelayo esizobhekana kuyo neZimbabwe neGhana.

“Kuzoya ngokuba nzima, ikakhulukazi kwiGhana futhi kuzodingeka siwakhiphe wonke amangwevu ethu ukuze sibuye newini.

FUNDA NALA: Isivaliwe iCape Town Marathon ngenxa yokwephulwa kwemigomo eWestern Cape

“Nokho sigcwele ukuzethemba, senza kahle siyiqembu, siyasizana futhi sesiyibheke ngabomvu imidlalo elandelayo ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uMokoena.

Uma iBafana iqeda phezulu eqoqweni layo kule midlalo yokuhlunga, izobe isidlulela esigabeni sokugcina.

Kulesi sigaba izobhekana neqembu eliqede phezulu eqoqweni layo okubukeka kuzoba yiNigeria ngokuma kwezinto njengamanje.

Iqembu eliyonqoba kuleyo midlalo ezoba nemilenze emibili liyobe selingena kwiNdebe yoMhlaba ke.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.