Alfred Ngubane
UStephen Mokoka uqophe irekhodi elisha lomhlaba emjahweni webanga lika-50km kwiNedbank #Runified eGqeberha ngeSonto ekuseni.
Lo mgijimi wenze isikhathi esingu-2.40.13 ephula irekhodi likaKetema Negasa wase-Ethiopia lika-2.42.07.
UMokoka usegijime amahlandla amathathu kuma-Olympics kanti useke wanqoba iFNB Half Marathon amahlandla amabili.
Njengoba eqobile ngeSOnto uzohamba ayomela iNingizimu Afrika eTokyo kwiWorld Athletics Council.
Sekukaningi ke vele emela elaseNingizimu Afrika kusukela kumaYouth Championships nakuma-University Championships emazweni ehlukene emhlabeni jikelele.
FUNDA NALA: IRoyal AM iphinde yakora sekushone ilanga ithwihliza iSwallows
Useyinkunzi emidwayidwa. Ephawula ngomjaho wakhe, uthi ubengakulindele ukuthi uzonqoba ngoba kunesikhathi eside agcina ukugijima ibanga lika-50km.
Ubonge uMdali, umndeni wakhe nomqeqeshi uMichael Seme. Khonamanjalo intokazi yaseNingizimu Afrika u-Irvette Van Zyl akalibonanga elidlalayo njengoba ehlulekile ukuvikela isicoco.
UVan Zyl nguye obenqobe ngonyaka odlule kulo mjaho kodwa kulokhu kube yintokazi yase-Ethopia u-Amelework Fikadu Bosh owenze u-3.04 .58.
Endaweni yesibili kungene uShelmith Muriuki owenze u-3.08.30 kwase kuba uVan Zyl endaweni yesithathu.