UMokwena uncoma abeSundowns ngokuhlezi bezimisele ukufela iqembu

UMokwena uncoma abeSundowns ngokuhlezi bezimisele ukufela iqembu
OkaDonga Gumbi

Njengoba iMamelodi Sundowns ingene enkundleni iyobhekana ne-Al Hilal seyazi ukuthi seyivele ingenile emzuliswaneni womkhumulajezi kwiCaf Champions League, ubungalindela ukuthi abadllai badembesele.

Nokho bakhombise ukuzimisela okuyinqaba futhi bawenza ngobunono umsebenzi wokucoboshisa leli qembu laseSudan lisekhaya belishaya ngo 4-2.

Yingakho ke umqeqeshi, uRulani Mokwena echazekile futhi engawuvali umlomo ngokukhombisa kwabo ukuzimisela.

“Kumele sibancoma abadlali… Sinabadlali abanomoya omuhle wokuthanda umsebenzi wabo,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo obuse-Al Hilal Stadium e-Omduurman.

“Besibhekene neqembu elithembela ejubaneni bese lidlala namabhola amade avundlayo bese kuba khona no-Abdul Ajagun ogudla namadoda.

“Kodwa besizilungiselele ngokuphelele futhi nabadlali bakhombise ukuwahlonipha nokuwalandela amaqhinga ethu okudlala.

“Akulula ukudlala wazi ukuthi noma kungenzekani, awusenamsebenzi wena ngoba sewungenile emzuliswaneni olandelayo.

FUNDA NALA: USeema uphoxekile ngamathuba abawashwenile kwiChiefs, kodwa ngeke akhulume ngawo

“Kuba nzima ngokuphindiwe uma ubhekene ne-Al Hilal esalwela ukudlula yona kulesi sigaba samaqoqo.

“Okunye okwenze kwaba nzima kakhulu wukuthi sidlale ingxenye enkulu yalo mdlalo singasaphelele.”

ISundowns izithole seyishoda ngomzuzu weshumi ngesikhathi uBrian Onyango ekhishwa ngekhadi elibomvu.

“Lokhu kuwusindise kakhulu umthwalo kodwa asizange sikhalaze, sivele saqhubeka nomsebenzi sikhombisa ukuhlonipha umsebenzi wethu neqembu esilisebenzelayo.

“Ngiyabancoma kakhulu abadlali bethu ngokukhombisa ukuthi limelwa kanjani izwe nokulwa ukuqinisekisa ukuthi siyawuwina umdlalo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.