UMokwena uphendula imibuzo ngabasayinwe yiSundowns

UMokwena uphendula imibuzo ngabasayinwe yiSundowns
UPavol Safranko
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Njalo uma iMamelodi Sundowns isayina abadlali kushiya umbuzo: izobenzani? Nakulokhu kube ngesifanayo ngesikhathi yethula abane ebasayinisile. Kodwa umqeqeshi, uRulani Mokwena useliqaqile leli goda, echaza basayiniselweni.

ISundowns isanda kusayinisa uPavol Safranko, Grant Kekana, Neo Maema noDivine Lunga.  Abanye babalandeli bahlale begxeka iSundowns ngokusayinisa abadlali noma ingabadingi njengoba abanye begcina beshiyile kuleli qembu bengakaze balikhahlele nakanye ibhola.

Nokho uMokwena uthe abadlali abasha ababasayinisile babalande ngoba bebadinga futhi bazinike isikhathi bezama ukuthola kabanzi ngabo.

“Ukulanda laba badlali sikwenze ngendlela ehlelekile kakhulu. Sicubungule kakhulu ngayo yonke indlela ebesingakwazi ngayo, sizama ukubuka lokho esinakho ngokwezinombolo, nalokho esingenakho,” kusho uMokwena.

“Ngizokwenza isibonelo nje ngoNeo Maema. UMaema uzodlala indima enkulu uma kukhulunywa ngalokhu esikudingayo. Kubo bonke abadlali abadlala ezimpondweni eqenjini uMaema usinika umdlali wasophondweni odlala ngesokunxele.

“Ngiyazi abantu bazothi kodwa akusona isizathu esanele leso ukuthi uze uphume uyothungatha umdlali. Kodwa uma ubuka isikwati esinaso abadlali abaningi abadlala ngesokunxele abadlali abakwazi ukuqala umdlalo emuva abafana noNascimento, Mosa Lebusa, Lyle Lakay, Aubrey Modiba.

“Uma usuqhubekela phambili uyabona ukuthi abadlali bethu basesiswini badlala ngesokudla. Ngisho abadlali bethu abadlala kwesokunxele basebenzisa unyawo lwesokudla. Sigcina ukuba nomdlali osebenzisa unyawo lwesokunxele kwiSundowns kwakusekhona uKeagan Dolly, futhi asizange sisivale isikhala sakhe. Ngaphezu kwalokho salahlekelwa uPercy Tau.

Mayelana noSafranko uMokwena uthe bazama ukuba nabadlali abasebancane eqenjini ukuze bangashayeki ukuhamba kwesikhathi njengoba abadlali abakhona bekhula.

“Lokhu kuzonika iqembu ithuba lokuphumelela isikhathi eside,” kusho uMokwena.

“Mayelana noGrant Kekana kuhle kakhulu ukuba nomdlali okwazi ukudlala izindawo eziningi. Uyakwazi ukudlala emuva kwesokunxele kanjalo nakwesokudla. Eqenjini uyamdiinga umdlali okwazi ukungena noma yikuphi. Ngicabanga ukuthi angakwazi nokudlala esiswini njengomdlali ophungayo.”

FUNDA NALA: UMashiane wethembise unina ukuthi uzobuya nayo indebe yeChampions League

ISundowns izobuyela kwiCAF Champions League ngonyaka ozayo nokuchaza ukuthi iyakudinga ukuqinisa isikwati sayo. Kulo mqhudelwano ikhishwe yi-Al Ahly kwi-quarterfinal.

“UDivine ungomunye walabo badlali abakwazi ukukwenzela izinto eziningi. Uyakwazi ukudlala emuva kwesokunxele kanti nakwesokunxele esiswini ungena khaxa. Ungumdlali obalulekile kakhulu kithina. Uyakwazi ukusheshe afike phambili uma iqembu lihlasela nokuyinto eyenza libe namathuba amaningi okushaya amagoli,” kuphetha uMokwena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *