UMokwena uphoxwe amaphutha ayihlazo iSundowns ixetshulwa

URicardo Goss

OKADONGA GUMBI

Kube wusuku oluduma kwiMamelodi Sundowns yize ukwehlulwa kwayo bekungasho lutho, futhi kungenamthelela ekutheni iqed kuphi eqoqweni layo kwiCaf Champions League ngesikhathi ithola uswazi luka 2-0 kwiCR Belouzdad ngoLwesihlanu ntambama.

Lo mdlalo bewungabalulekike kwiMasandawana kodwa umqeqeshi, uRulani Mokwena usale ephoxekile ngomphumela nangendlela abadlale ngayo.

“Siphoxekile ngomphumela, siphoxekile ngendlela esidlale ngayo ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Namaphutha angenziwa yingane yesikole adale ukuthi bakore asiphoxile. Indlela esidlale ngayo akuyona esiyijwayele,” kusho uMokwena.

Amagoli abahlulwe ngawo asheshe angena njengoba womabili evalelwe enethini ngesiwombe sokuqala, ngemuva kwalokho yazama yancama iSundowns ukubuya.

“Bekuvele kubonakala ukuthi sizothwala kanzima uma ubheka indlela abebeshoshela phambili ngayo, bebekwenza ngendlela abangajwayele ukwenza ngayo.

“USayoud lo ogqoka uNombolo 10, ubenyuke kakhulu kulokhu ngoba uvamise ukuqapha udonga lwasemuva esikhathini eziningi.

“Bekudingeka silisebenzise kangcono ibhola futhi yilapho inkinga yethu beyilele khona – asizange siwakhe amathuba acacile okushaya amagoli.

“Ngenuva kwephutha (elidale igoli lokuqala) ukuzethemba kwehlile kuRocardo Goss. Bese senza into esingayijwayele yokudlala amabhola made, kanti uma wenza njalo usuke usubasizile,” kusho uMokwena.

Yize yehluliwe, iSundowns iqede phezulu kuGroup B njengoba beyinamaphuzu ayishumi, yalandelwa yiyo iBelouzdad ukuya esigabeni somkhumulajezi.

Kungenzeka izithole seyibhekene ne-Al Ahly yaseGibhithe eqeqeshwa nguPitso Mosimane obekuleli qembu laseChloorkop ngesizini edlule uma sekuqhathwa azodlala esigabeni esilandelayo.

Kungenzeka futhi nokuthi ibhekene nezimbangi zayo zakuleli, iKaizer Chiefs uma nayo ingakwazi ukuqeda endaweni yesibili kuGroup C. IChiefs izodlala umdlalo wayo wokugcina esigabeni samaqoqo neHoroya ekuhambeni ngoMgqibelo kusihlwa.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *