UMokwena usola uNcikazi ngokuvika ngesithupha ngoba ehlulwa umsebenzi

UMokwena usola uNcikazi ngokuvika ngesithupha ngoba ehlulwa umsebenzi
URulani Mokwena
OkaDonga Gumbi

URulani Mokwena weMamelodi Sundowns uthi uMandla Ncikazi we-Orlando Pirates unomkhuba wokukhuluma into abuye aziphikise yena.

Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula inkulumo kaNcikazi yokuthi sekumele kushaywe umthetho wokunqanda iSundowns ekutheni ingasayini bonke abadlali abahle kuleli.

UNcikazi uthe ukuba namaphakethe amakhulu kweSundowns kuyenza ikwazi ukuthola bonke abadlali ebafunayo, amanye amaqembu asale encela izithupha.

Lokhu kuzwakale njengokuthi uthi iSundowns iyayithenga le mpumelelo enayo njengoba seyidle izicoco zeDstv Premiership amahlandla amahlanu kulandelana.

“Ngeke ngikuphendule lokho okushiwo uMandla ngoba emavikini ambalwa edlule ngifunde olunye udaba la abesho khona ukuthi iPirates isezingeni elifanayo neSundowns.

“Kodwa manje usejikile futhi usekhuluma ngokuthenga koWoolworths nakoShoprite,” kusho uMokwena.

“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalento ngenxa yenhlonipho enginayo ngoba yinina (abezindaba) okumele nikuqaphele ukujikajika kwakushoyo.

“Umsebenzi wabezindaba lowo ngoba thina njengabaqeqeshi esikushoyo kubalulekile ukwenza abalandeli baqonde isimo ngendlela eyiyo hhayi ukubadukisa.”

Ube esechaza ngokuthi yini eyenza baphumelele kwiSundowns ngale kokuthi banabadlali abahle. Uveze ukuthi nokuba nabaphathi abahlelekile kuyasiza.

FUNDA NALA: UMama Joy ukhala ngokuhlukumezeka akuthole e-Orlando 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uMokwena uke wasebenza kwiPirates la kunezinsolo zokuthi kunabathile abagxambukelayo emsebenzini womqeqeshi.

“Kodwa uma ningibuza ngokuthi yini esiyenzile ukuwina izicoco zeligi ezinhlanu kulandelana… Lapha sikhuluma ngabaqeqeshi abehlukene abawine lezo zicoco.

“Ngeke ukwazi ukukhuluma ngakho bese ungawuncomi umsebenzi onzima owenziwa yithimba labaqeqeshi laphambilini (ebeliholwa uPitso Mosimane).

“Ukhuluma ngabadlali abehlukene ngoba abawina isicoco sokuqala akusebona laba abawine esesihlanu.

“Kwakukhona oHlompho Kekana noTebogo Langerman nabanye babangasekho eqenjini manje,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.