UMokwena uthi iSundowns isazoqhubeka nokuwahubhisa utalagu awePSL

UMokwena uthi iSundowns isazoqhubeka nokuwahubhisa utalagu awePSL
URulani Mokwena noPeter Shalulile beMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi ngeke bona bayeke ukusayina abadlali abasezingeni ukuze badedele amanye amaqembu intuba yokubafica.

ISundowns yiyo ezenzela umathanda ebholeni elikhokhelayo kuleli kanti kule sizini esanda kusongwa igile izimanga iwola zonke izindebe.

Lokhu kwenze kwakhona abakhala ngokuthi kumele inqindwe amandla ngokuthi kubekwe imithetho ezayikalela imali engayisebenzisa ukusayina abadlali.

Ekhuluma ngalokhu muva nje, uMokwena uthe nase-Italy iJuventus beyenza okufanayo kwaze kwaba namanye amaqembu ayavuka emaqandeni.

“Singabheka isimo seSerie A la bekuzibusela khona iJuventus. Bebesayina bonke abadlali abasezingeni,” kuchaza uMokwena.

“Bekungekhona ke okweJuventus ukuthi ime ukuthenga abadlali ukuze namanye amaqembu ayifice. IJuventus iqhubekile nokuthola abadlali abanohlonzo noma sekuhambe uCristiano Ronaldo.

“I-AC Milan ne-Inter Milan nabo manje sebengena nemali yangempela emakethe ukuze bakwazi ukuncintisana neJuventus ukuze babuyele ekubeni amaqembu amakhulu e-Italy,” kuqhuba yena.

FUNDA NALA: Ngabe seliqale ngoMaluleka izembe ukugawula kwiSundowns?

Yize engabizanga gama laqembu, kodwa kuyacaca ngalesi sibonelo sakhe ukuthi i-AC Milan ne-Inter Milan bayiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kuleli.

“Thina okwethu akukhona ukubuka emuva, kodwa sizogxila kokuzayo nokuthi yini esifuna ukuyizuza ngesikhathi esizayo.

“Ngeke sizikhathaze ngokuthi abanye benzani. Futhi nje ukubeka iqiniso elimsulwa, asihlangene nabakwenzayo. Esikwaziyo nje wukuthi kuhana nokuhubha utalagu ukujaha iSundowns.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.