UMokwena uthi kungcono bashaywe umqeqeshi ongaphaphile

UMokwena uthi kungcono bashaywe umqeqeshi ongaphaphile
Abadlali beMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

Kufanele ukube kubethusile abaqeqeshi beMamelodi Sundowns ukuthola induku ka 3-0 eqenjini elingabhekiwe njengeStellenbosch FC.

Kodwa okuthusa kakhulu wukuthi lokhu kwenzeke iSundowns isesibayeni sayo, phambi kwabalandeli bayo.

IStellies siyivuthulule ngenduku iSundowns emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama akwangakholwa muntu.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uRulani Mokwena – oqeqesha ngokubambisana noManqoba Mngqithi kuleli qembu – uyivumile induku.

FUNDA NALA: IRich Boys isizochoma kwiDStv Premiership ngesizini ezayo

Uthe vele ebholeni ukuhlulwa yinto yakhona, futhi nasempilweni nje ezinye izinto zosuke zidaliwe ukuthi zenzeke ngakho ukuzinqanda akulula neze.

“Bekungenye yalezo zinto ezenzekayo ebholeni,” kusho uMokwena ngemuva kwalo mdlalo obuseLoftus Versveld.

“Ngiyambongela uStevie Barker. Uma bekumele kwenzeke lokhu (ukuthi sihlulwe kanje) bengingancamela ukuthi kwenziwe uStevie …

“Ungumuntu ozithobile futhi uselenzele okukhulu ibhola kanti unomlando omude. Ezinye izinto zisuke zidaliwe futhi kumele uvele uzamukele,” kuchaza uMokwena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *