UMokwena uveza iphutha elamdalela amazinyo abushelelezi kwiBucs

UMokwena uveza iphutha elamdalela amazinyo abushelelezi kwiBucs
URulani Mokwena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ukubeka amaqiniso enjengoba enjalo yikho okwadalela uRulani Mokwena amazinyo abushelelezi kwi-Orlando Pirates.

UMokwena useveze ukuthi ukukhuluma ngokukhululeka nokubeka amaqiniso obala kwaholela ekutheni ahluleke wukuphumelela kuleli qembu.

Lo mqeqeshi osemncane ubepheka iPirates kusukela ngo-Agasti kuya kuDisemba ku-2020.

Wayethathe lesi sikhundla ngokubanjiswa kulandela ukushiya isigubhukane kukaMicho Sredojevic.

“Ngicabanga ukuthi kwesinye isikhathi, ikakhulukazi uma usemncane uba nomdlandla omkhulu.

“Uhlale ufuna ukuzwakala ngakho awuthuli uma kunento ofisa ukuthi uyiveze,” usho kanje ekhuluma nabeTK Solutions TV.

“Kwesinye isikhathi lokho akuyona into okufanele uyenze.

“Khona kungaba wukuthi ukhuluma iqiniso, kodwa kungemukeleki kahle.

“Wena ungakhuluma ngoba uthi uyalungisa noma uyasiza kanti sewuyona.

“Akuyena wonke umuntu okwamukela ngendlela enhle ukukhuluma kwakho iqiniso.

FUNDA NALA: UMaduka ubathethise qede bawina abeRoyal AM

“Kimi lokho sekube yisifundo esinzulu engisifunde kulezi zinyanga ezimbalwa eidlule,” kusho uMokwena.

Nokho akacacisanga ukuthi ngabe abadlali noma ngabaphathi labo ababengathandi akhulume amaqiniso.

Kodwa sekuke kwavela kaningana ukuthi kunezikhulu ezimbili ezithanda ukulawula yonke into kwiBucs.

Lezi zikhulu zisolwa nangokuthi zikhethela nabaqeqeshi abadlali okumele babadlalise.

UMokwena wahamba sekukubi kwiPirates kulandela ukwehliselwa kwakhe esikhundleni sokuba yiphini sekuqashwe uJozef Zinnbauer.

Useqeqesha iMamelodi Sundowns manje la abambisene khona noManqoba Mngqithi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.