UMokwena uyakuthanda akubone kwabeSundowns ejimini

UMokwena uyakuthanda akubone kwabeSundowns ejimini
UThapelo Mokwena
OkaDonga Gumbi

Kunento emnika ithemba uRulani Mokwena uma ebuka abadlali bakhe ejimini ekhaya labo elisha e-Alexandira, e-Egypt.

UMokwena uthi abadlali beSundowns abathikamezekile ngokuthi sebebekude nasekhaya isikhathi esicela amavikini amabili manje.

Kufanele ke nokho ngoba yinto umdlali asuke eyazi kahle ukuthi izokwenzeka lena uma esayina kwiSundowns, ngokusho kwalo mqeqeshi.

“Uma usayina kwiSundowns enye yezinto okumele uzilindele ukuthi uzochitha isikhathi esiningi ungekho ekhaya.

“Okuhle nje wukuthi lapha sinabadlali asebekujwayele lokho,” kusho uMokwena kuleli viki ekhona le kwelikaFaro.

“Bayijwayele lento, nemindeni yabo ikujwayele lokhu. Kuhle ke lokhu ngoba uma ukude nasekhaya awukudingi ukuphazanyiswa ngokufonelwa uxoxelwa ngokwenzeka ekhaya.

“Uma ubuka laba badlali bethu, uvele ubone bezihlekela nje zonke izinsuku kanti nasemehlweni abo kubhalwe ukuthi abakhathazekile neze.”

ISundowns selokhu ise-Egypt kusukela ngoLwesibili olwedlule njengoba inemidlalo yeCaf Champions League kuleliya lizwe.

FUNDA NALA: IDolphins ishaye udaka olusabisayo kwiT20

Badlale ngokulingana ne-El Merreikh ngoMgqibelo odlule kanti kulo ozayo bazobhekana nomdlalo onzima kakhulu nompetha abavikela le ndebe i-Al Ahly.

UMokwena uthi bayazi kuzoba wumdlalo onzima kakhulu lona futhi yingakho benze isiqiniseko sokuthi bayacophelela ekuzilungiseleleni kwabo.

Phela bazobe bebhekene nenkunzi emidwayidwa kuPitso Mosimane okunguye opheka lezi zinkunzi zase-Egypt.

“Sizilungiselele. Siyabazi ukuthi baqine ngakuphi ngoba siyibukile imidlalo yabo. Siyazi ukuthi emidlalweni efana nalo, ukuzilungiselela kubaluleke kakhulu.

“Ukuzilungiselela kule midlalo enjena kuyefana nokuthi usuke udlala omunye umdlalo ngoba uyazi ukuthi nabo bazilungiselela ngendlela efanayo nawe la bekhona.

“Kodwa ke la emhlabeni kwesinye isikhathi kumele uzibeke esimweni la izidalwa zezwe zizothi uma zicabanga ukuthi zeseke bani bese zikhetha wena. Ilapho ke kungena khona inhalnhla elethwa wukuzikhandla.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.