UMolangoana ukhala ngokunwabuzela ecaleni likaSenzo Meyiwa

UMolangoana ukhala ngokunwabuzela ecaleni likaSenzo Meyiwa
USenzo Meyiwa owafa ngesihluku ngo-Okthoba ka-2014
Sbongs Gumbi

Ukufa ngesihluku kukaSenzo Meyiwa kusabashaqisa namanje abantu abaningi okukhona kubo nozakwabo ayedlala nayo nabangani nje basebholeni yize bengakhulumi ngakho esidlangalaleni.

UMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wafa ngokudutshulwa esekhaya lowayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi uKelly Khumalo.

Owayenguzakwabo kwiPirates, uJoseph Molangoana, yena usegcine ephumele obala wabalisa ngobuhlungu abuzwayo njengoba lingakaveli iqiniso ngokufa kukaMeyiwa.

“Ngesikhathi ngifika kwiPirates, ngangifunda futhi ngibukela kubadlali abakhulile engabafica khona,” kusho uMolangoana kwabeSunday World.

“Kulabo badlali kwakukhona oRooi Mahamutsa, Lucky Lekgwathi, Siyabonga Sangweni noNzori, okuyigama esasibiza ngalo uSenzo Meyiwa.”

UTight, okuyigama uMolangoane aziwa ngalo ebholeni, usedlala kwiMarumo Gallants. Uke wadlala kwiChippa United neKaizer Chiefs ngemuva kokushiya kwiPirates. 

“Ngangijwayelene kakhulu naye (uSenzo Meyiwa) ngoba sasihlala ngandawonye eBuccleuch. Ngakho sasiba nesikhathi esiningi sindawonye.

“Sawina nezindondo zesiliva kwiChampions League siqeqeshwa nguRoger de Sa. Sadlala ne-Al Ahly kowamanqamu.

“Ngiyakhumbula ngesikhathi sizicija silungiselela umdlalo, kwaqhuma ibhomu bude buduze nala sasikhona. Sathuka sonke, sifisa nokubaleka. 

“Kodwa kwaphoqa ukuthi siqhubeke nokuzicija. USenzo nguye owasehlisa umoya ngokuqhulula amancoko ngoba vele nguye owayesiqinisa idolo uma sekunzima. 

“UNzori uzohlale ekhumbuleka. Wayengumuntu onomoya omuhle futhi kuhlezi kumnandi ukuba naye. Wayekuthanda nokudansa.

Usihlalo wePirates u-Irvin Khoza usanda kuveza ubuhlungu abuzwayo ngokuthi icala lokubulalwa kukaSenzo seliphenduke ihlaya ngenxa yokwenzeka enkantolo.

FUNDA NALA: UJele ufunwa uthuli yiRoyal AM kulandela ukushiya kwakhe kwiPirates

UMolangoana naye ukhala esifanayo: “Sesikhalela ukuthi okungenani kwenzeke ubulungiswa, abenzi bobubi bajeze.  

“Isikhathi sokuthi labo abenza lesi senzo sokunquma ukunqamula impilo yakhe bakuthole ukujeziswa okubafanele siyogcina sifikile.

“Uma ngibuka icala lakhe kwiTV ngivele ngizwe ubuhlungu, ikakhulukazi ngoba akukho thina esingakwenza ukusiza. Sesohlalela ethembeni nje lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka.  

“Labo abaziyo ukuthi kwenzekani nalabo abenza lento luyogcina lufikile olwabo usuku. Babulala ubaba, indodana, umngani nomuntu obalulekile ebholeni lakuleli.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.