UMoloi uthi banxenxa uMotsepe ukuzofukula ezokusubatha kuleli

UMoloi uthi banxenxa uMotsepe ukuzofukula ezokusubatha kuleli
UJames Moloi
Alfred Ngubane 

UJames Moloi ongumengameli we-Athletics South Africa useveze ukuthi sebenxuse iMotsepe Foundation ukuthi izofukula ezokusubatha kuleli.

UMoloi ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma ngokukhethekile neMpempe, wathi bazoba nemijaho yamabanga ehlukene okuzoba khonakuyo noPatrice Motsepe ongumengameli weCaf.

UMotsepe uzogijima umjaho webanga lika-5km kule mijaho. “Sizama ngazo zonke izindlela ukubuyisela ezokusubatha ebalazweni.

“Sesixoxisene neMotsepe Foundation ukuzama ukuyinxenxa ukuba isondele eduze sibone ingasisiza kuphi.

“SIsazoqhubeka nezingxoxo. ENgingakuveza njengamanje wukuthi sizoba nemijaho la komunye kuzobe kugijima kuwo noPatrice Motsepe,” kusho uMoloi.

Uphinde waveza nokuthi iKwaZulu-Natal yiyona ezosingatha umjaho omkhulu wakuleli i-International Marathona ozobizwa ngeDurban International Marathon kule minyaka emithathu ezayo.

FUNDA NALA: UParker ujabule waze wakhala enconywa ngokudlala kahle kwidabhi

Uthe lokhu bakwenzela ukuthi IKZN ikwazi ukubuyisa amandla, ikwazi ukuzimela ngokwezimali ukuze iphume ngaphansi kokulawulwa umahluleli.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sifundazwe siphuma kumahluleli ozimele. Uathi lo mjaho uzoba ngowokuhlungela amaWorld Championships.

UMoloi uthe impi eqhubekayo ethinta iRussia ngeke ibaphazamise njengoba kulindeleke ukuthi iphele ungakafiki uJUlayi okuyisikhathi samaCommweath Games azoba seChina.

INingizimu Afrika izimisele ukukhipha iqembu eliqinile ukuyoyimela kule midlalo ngokusho kukaMoloi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *