UMonare akanandaba nabakhala ngoJali, uzokwenza akubizelwe kwiBafana

UMonare akayingeni eyabuza ngoJali, uzokwenza akubizelwe kwiBafana
UThabang Monare
OkaDonga Gumbi

Ukusala ngaphandle kuka-Andile Jali eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, yinto engabakhululi abaningi emoyeni, yize umqeqeshi uHugo Broos azama ukuyichaza.

Ukukhala ngoJali akupheli. UBroos wathi uJali umazi kudala njengoba ebedlala ngakubo eBelgium, ngakho akanayo lento ayidingayo yena.

Nokho ukuthi alande uThabang Monare we-Orlando Pirates, omdala ngonyaka kuJali weMamelodi Sundowns, yikho okuthunuke abaningi.

Ngesikhathi efika kuleli, lo mqeqeshi wayethe uzolakha kabusha iqembu, ngakho abadlali asebedlulile ku-30 ngeke balibone elidlalayo.

Kodwa ke ubukeka esejikile kulokho, njengoba ebembiza noSifiso Hlanti weKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi alimale.

Ebuzwa ngokusala kukaJali, uMonare uthe yena akazingeni lezo, uzobheka ukwenza umsebenzi awubizelwe nguBroos.

FUNDA NALA: UTau akasayizwa kahle eyokudlala kwiBafana kaBroos

“Umsebenzi wami usenkundleni. Angikunaki kakhulu okwenzeka kwabezindaba noma ezinkundleni zokuxhumana,” usho kanje uMonare kuleli viki.

“Umsebenzi wami wukumela izwe enkundleni ngakho lezo angizingeni nhlobo. Abantu banelungelo lokuba nemibono, nami nginalo elami lokuba nombono.

“Okwamanje mina ngigxilise umqondo wami ekumeleni izwe ngokuthembeka nangokwenza konke okusemandleni enkundleni.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.