UMonare useshaye abalandeli ngethembisa yokuthi uyabuya kwiPirates

UMonare useshaye abalandeli ngethembisa yokuthi uyabuya kwiPirates
UThabanga Monare usejabulise abalandlei be-Orlando Pirates
Sbongs Gumbi

Kuthathe isithombe nombhalo omncane ukuthi uThabang Monare ajabulise abalandeli be-Orlando Pirates abebephatheke kabi ngokuthi uyashiya kuleli qembu.

UMonare ufake izithombe sakhe egqoke umfaniswano wePirates wase esewuphelezela ngombhalo othi: ‘#OnceAlways’.

Abalandeli babe sebephendula bejabulela ukuthi uyabuya kanti sekuvelile ukuthi sebegcine bevumelene nePirates ngokuthi yelulwe inkontileka yakhe.

IPirates yamfaka ohwlini lwabadlali abahambayo kuleli qembu yathi kungenxa yokuthi abavumelanga naye ngemibandela yenkontileka entsha.

Nokho yena wake wakusho ukuthi ngokwazi kwakhe usengumdlali wePirates kwazise bekusaxoxwa. Manje sekubukeka sengathi kugcine kuvunyelwene.

Okwamanje akukacaci ukuthi uzokwelula ngeminyaka emingaki. Kukhona nabathi into emsizile wukuthi aqhubeke nokujima neqembu okwenze umqeqeshi omusha uJose Riveiro achazeke ngaye.

Umlandeli wakhe kwiTwitter uBongani Khoza uphendule kanje: “Siyakwamukela mfowethu. i-Orlando Pirates yikhaya lakho futhi kuyohlala kunjalo kuze kube phakade.

FUNDA NALA: Isiphinde ezayo iChippa imisa uLentjies emsebenzini wokuqeqesha

“Ngikufisela inhlanhla kwisizini entsha nomqeqeshi wakho omusha nozakwenu bonke.” Nabanye baphendulile bekhombisa injabulo yabo ngokubuya kwakhe.

Ngaphambi kwalokhu ubeke wamataniswa naMaZulu FC okuthiwa asheshe akuveza ukuthi ayamhalela kodwa abuye ajika alanda uGeorge Maluleka.

Sekubhekwe yona iPirates ukuthi yazise abantu uma seyiqedile konke ukuze kube nesiqiniseko sokuthi uyabuyela ngampela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.