UMorena uphule inhliziyo kaPitso emfaka ehlazweni

UMorena uphule inhliziyo kaPitso emfaka ehlazweni
UThapelo Morena
OkaDonga Gumbi

UThapelo Morena usuke ebhentshini wayophula inhliziyo kaPito Mosimane eshaya igoli eliwinise iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ebusuku.

UMorena ulishaye sekusele imizuzu emine umdlalo uphele leli goli lakhe elisize iSundowns ivule igebe kuGroup A kwiCaf Champions League.

ISundowns seyiqhele ngamaphuzu amathathu kwamanye amaqembu enawo kuleli qoqo kanti i-Al Ahly kaMosimane isisengozini yokusala kuso isigaba samaqoqo.

Uma kwenzekile akangadlula kulesi sigana uMosimane, ikusasa lakhe kuleli qembu lizoba sengozini ngoba liphilela ukuwina le ndebe.

Nokho akukubi kakhulu ngoba lisasalele emuva ngemidlalo kwazise lisadlale emibili futhi lisenethuba lokuziphindeselela kwiSundowns emlenzeni wesibili walo mdlalo.

Esiwombeni sokuqala bezithengana lingekho elikhonyayo kwaze kwayiwa ekhefini zisabambene. Kwesesibili bese zihubhana udede.

Imizamo ye-Al Ahly iphelele ezeni njengoba igoli likaMorena kube yilo elenza umehluko futhi labeka iSundowns ebuhleni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *