UMorena weSundowns uncamela ukuhlala phezulu kunokujaha kwiligi

UThapelo Morena nozakwabo kwiMamelodi Sundowns, oKermit Erasmus noPeter Shalulile

OKADONGA GUMBI

IMamelodi Sundowns yayihubha yaze yayifica, yayidlula iKaizer Chiefs embangweni wesicoco seligi ngesizini edlule, kodwa umdlali waleli qembu laseChloorkop, uThapelo Morena uncoma ukuvele uhlale phezulu zisuka kunokujaha usuka ngemuva.

Cishe iningi labalandeli beChiefs bengakuphikisa lokhu kwazise kubuhlungu ukususwa endaweni obusuhlale kuyo isikhathi eside waze wazitshela ukuthi ngeke usasuka.

Nokho uMorena uzwakala enethemba lokuthi bona ngeke besathikanyezwa muntu njengoba beqhwakele kwiDStv Premiership ngemuva kwemidlalo engu-16. Banamaphuzu angu-36, kanti bashiya iSuperSport United esendaweni yesibili ngamane.

“Inkinga iba sekutheni uma ulandela ngemuva usuke ungenawo amaphuzu esandleni, futhi kusuke kusamele uwalwele. Yingakho ngithi ukuhlala phezulu kungcono,” kusho uMorena.

“Sisebenze kanzima. Kumele ngincome bonke ozakwethu ngoba asikaze siyiqale kahle kanje isizini. Wumphumela wokubambisana, kumnandi ukubona ukuzikhandla kwethu kuphetha izithelo ezinhle.

“Iyodwa into okumele uyazi, ukuthi uma ufuna ukuzuza okuthile kumele ukwazi ulumelana nengcindezi. Ingcindezi kumele kube wumngani wakho, into enhle ngathi wukuthi asitatazeli, sibhekana nomdlalo ngomunye,” kuqhuba uMorena.

Uyakuvuma nokho ukuthi nokuhlala phezulu kunezinselelo zakhona njengoba kwenza wonke amaqembu akwazi ukuthi uyingozi.

“Kunzima ngokuthi wonke amaqembu obhekana nawo asuke ezolwa, futhi adlale le ndlela yokuvala emuva bese ekuhlasela ngokuzuma,” kubeka le nsizwa ezalwa eRandfontein, eGoli.

ISundowns ithole ikhefu lokudonsa umoya njengoba yagcina ukudlala umdlalo wokuncintisana ngoFebhuwari 17, futhi seyizoze ibuyele enkundleni ngoFebhuwari 28, seyibhekana neCR Belouizdad yase-Algeria emdlalweni weCAF Champions League owahlehliswa ngeviki elidlule.

Lo mdlalo usuzoba seBenjamin Mkapa National Stadium, eTanzania kulandela ukuthi amaqembu akuleli enqatshelwe ukungena e-Algeria ngenxa yezimiso zokuvimvela ukubhebhetheka kweCoronavirus.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *