UMoseamedi usezoyixova ekwiStellenbosch imimoya yabeChiefs

UMoseamedi useziyixova ekwiStellenbosch imimoya yabeChiefs
UJudas Moseamedi noSteve Barker
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali ohlale ewuhlupho olukhulu kwiKaizer Chiefs uJudas Moseamedi, ufuna ukushintsha amagiya athi ukunyathela ngesivinini esithe xaxa.

Usho lokhu ngemuva kokuthi esayine kwiStellenbosch FC, yaseKapa, esuka kwiMaritzburg United, yaseMgungundlovu.

Lo mdlali kumele ukuthi abamthandisisi kahle abalandeli beChiefs ngoba useligile kaningi iqembu labo.

Ukwenza kubukeke kulula kakhulu ukushaya igoli uma ebhekene naleli qembu laseNaturena, kungakhathalekile ukuthi kudlalwa kumuphi umqhudelwano.

“Benginethuba lokuthi ngithi ukunyuka, kanti iStellenbosch iyiqembu elikahle kimi ngoba ngiyazi ukuthi idlala kanjani.

“Ngiyayithanda indlela abadlala ngayo,” kusho uMoseamedi. “Bekulula kakhulu kimi ukuthatha lesi sinqumo.

“Ngicabanga ukuthi indlela iqembu elidlala ngayo izovumelana nale engidlala ngayo. Yileso isizathu esenze
ngakhetha ukuza lapha kwiStellenbosch.”

UMoseamedi ubengadlali njalo kwiTeam of Choice ngesizini edlule kodwa ubewenza umehluko uma engena esuka ebhentshini.

“Ngikubheke ngabomvu ukudlala imidlalo eminingi kwiStellenbosch, nokusiza iqembu ukuthi lifeze amaphupho alo kule sizini ezoqala.

“Angiboni kukhona ubunzima engizoba nabo kulokho. Kufanele nje ngisebenze kanzima ngibeke umqondo wami kulokho engizobe ngikwenza ngaso sonke isikhathi.

FUNDA NALA: ISafa ifuna kuqiniswe ukuhlolelwa kwabadlali izidakamizwa

“Ngizolinda ithuba lami. Abalandeli kumele baseseke kule sizini, futhi nathi ngeke sibaphoxe sizodlala ibhola elihle,” kusho uMoseamedi, ongathandi ukukhuluma kakhulu.

IStellenbosch izovula imidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Leli qembu eliqeqeshwa uSteve Barker, libe nesizini engeyinhle ngokwedlule njengoba belilengela ezembeni kwaze kwaphela isizini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.