UMosele uqale kabi kwiPirates kodwa wagcina eligezile igama lakhe

UMosele uqale kabi kwiPirates kodwa wagcina eligezil igama lakhe
UGoodman Mosele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UGoodman Mosele ukuvume yena qobo ukuthi uke wethuka umdlalo usanda kuqala njengoba ebedlala okokuqala kwi-Orlando Pirates ngempelasonto.

UMosele usayinwe yiPirates esuka kwiBaroka FC ekupheleni kwesizini edlule. Uqale umdlalo okokuqala iPirates ibhekene neStellenbosch FC.

UMosele ulahle ibhola ngomzuzu wokuqala esiswini, yalibamba yaze yayongena nalo ebhokisini iStellies, lagcina lisenethini.

Nokho uvuke wazithintitha wadlala ibhola elimenze wagcina ebizwa nakwiBafana Bafana futhi uphume esephethe nendondo yokuba nguMdlali oVelele eseshaye negoli lakhe lokuqala.

“Umdlalo bewumuhle, bewumnandi kakhulu,” usho kanje ngemuva komdlalo uMosele. “Angiqalanga kahle kulo mdlalo ngoba bengithukile.

“Ngenze iphutha. Ngakho bekungasekho ukwenza ngokunye bese kumele ukuthi ngenyuse izinga. Ngizamile, ngawakhipha wonke amangwevu.

“Ngibacelile nozakwethu ukuthi abasale sebenzela mina, sithole igoli. Kodwa izinto ezinjengaleya ziyenzeka ebholeni, kuchaza yena.

Ngegoli lakhe uthe: “Ngivele ngaya laphaya, angiyena umuntu ovamise ukungqofa amabhola. Kodwa ngizithole nginyuka ngiya khona nami.

“Nasejimini ngize ngikhunjuzw eumqeqeshi ukuthi angiye nami ngoyozama ukungqofa ibhola. Ngivele ngazithola sengikhona nami, ngabona nebhola selikhala enethini.”

Umqeqeshi wePirates, uMandla Ncikazi umncomile lo mfanyana oneminyaka engu-20 wathi kuningi asazokwenzela iqembu.

“Njengoba engumdlali ofikayo nje osuka kwelinye iqembu, ukungena esikimini, ukushaya igoli nendlela nje adlale ngayo kube kuhle kakhulu.

FUNDA NALA: UNurkovic unukelwa yibhentshi uma izinto zingamlungeli

“Ukwazile ukusheshe angene kule ndlela esidlala ngayo lapha. Ukuthola indondo yokuba nguMdlali oVelele ke khona kungaphezulu, ngiyaziqhenya ngaye,” kusho uNcikazi.

“Futhi ke kusekuningi okuseza ngaye. Ungumdlali omuhle kakhulu futhi ngijabule ngendlela adlale ngayo. Kodwa awucabange nje uma nabadlali bethu sebephelele bonke.

“Ngicabanga ukuthi lukhulu oluseza. Ngalokho angiqondile ukwedelela abadlali abebedlala namuhla nokuzinikela abakukhombisile,”  kuchaza uNcikazi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.