UMosimane uhamba nje ubesevele engaseneme kwiSundowns

Pitso Mosimane Mamelodi Sundowns
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isimo besingasesihle kuPitso Mosimane ngesikhathi ekwiMamelodi Sundowns futhi ukuvela kwethuba lokuya kwi-Al Ahly e-Egypt kwafana nokuphenduleka kwemithandazo yakhe.

Lokhu kuvezelwe Impempe ngomunye wabasondele naleli qembu lasePitoli kodwa ongathandanga ukuba kushicilelwe igama lakhe. Ngempelasonto iSunday World iphume nombiko oveza ukuthi uMosimane ubesekhulekwe izandla eChloorkop.

Ngokwalo mbiko, inkontileka yakhe entsha beyimnqinda amandla ezintweni eziningi. Okunye kwazo bekuwukuthi ngeke asaba nesinqumo ngabadlali abasayinwa noma abadedelwa yiqembu.

Nasethimbeni labaqeqeshi ubengeke esazikhethela ukuthi ngobani asebenzisana nabo, kodwa ngabaphathi abebezothatha lezo zinqumo. Yingakho lo mqeqeshi engazange esangabaza uma kuvela ithuba lakwi-Al Ahly.

“Ngesikhathi esayina inkotileka entsha, wathola ukuthi uyaphucwa amandla amaningi. Wasayina ngoba enethemba lokuthi izinto zizojika ngokuhamba kwesikhathi,” kusho lo mthombo.

“Indlela abesenqindeke ngayo, angikholwa nokuthi kwaba yisinqumo sakhe ukubuyisa uRulani (Mokwena) ukuba azoba yisekela lakhe. Kukhona obengasamfuni kubaphathi kanti ubebekelwe umgoga wokuthi ahluleke bese eyaxoshwa,” kusho lo mthombo.

UMosimane uzivumele yena esidlangalaleni muva nje ukuthi kukhona owathuma abalandeli beSundowns ukuba bazomethuka ngesikhathi efika ne-Al Ahly bezodlala umdlalo weChampons League emavikini ambalwa edlule.

Isimo simbi kumanje phakathi kwakhe neSundowns esimfake enkantolo ifuna ukuba umkakhe, oyimemenja yakhe, abuyise imali akhokhelwa yona ebongwa ngokusayinisa uMosimane enye inkontileka kuleli qembu.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.