UMosimane uthi ngeke inuke ngisho isenti lale mali eyifunayo iSundowns

UMosimane uthi ngeke inuke ngisho isenti lale mali eyifunayo iSundowns
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kufufusa impi embi nengase iveze amahlazo, kusale kunuka uhlofu phakathi kweMamelodi Sundowns nowayengumqeqeshi wayo, uPitso Mosimane. Le mpi isukela esenzweni seSundowns sokufaka uMosimane enkantolo ifuna yena nenkampani kamkakhe bakhokhe imali abayinikwa eyisibonelelo.

Lesi sibonelelo kwakungesokubonga inkampani kamkaMosimane, iMTSports ngemuva kokuva iphothule isivumelawano sokwelula inkontileka yalo mqeqeshi ngoMeyi nyakenye.

Into eyenza iSundowns iyifune le mali wukuthi uMosimane wasiphula lesi sivumelwano kungakapheli nezinyanga ezine sisayiniwe njengoba ashiya kuleli qembu. UMosimane washiya kwiSundowns ngoSepthemba nyakenye, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt.

Ngokubika kweSunday World, uMosimane nomkakhe, uMoira Thlagale bafake amaphepha enkantoko ephakemele yaseGoli kuleli sonto bephikisa lesi sicelo seSundowns.

Ngokwalamaphepha, ukushiya kukaMosimane kwiSundowns kwaba ngemuva kokuvumelana nobengumengameli weqembu ngalesi sikhathi, uDkt Patrice Motsepe.

UMosimane uveze ukuthi indlela abesephatheke kabi ngayo kuleli qembu bekungasasebenzeki. Uthi kunabathile ngaphakathi abebelwisana nakho konke azama ukukwenza.

Uveze nokuthi wake waze waphoqwa ukuba axolise ngemuva kokukhuluma kwakhe sakuchoma kade eqeda ukuwina iligi ngesizini yakhe yokugcina kuleli qembu.

“Beyiningi ingcindezi ngaphakathi eqenjini nangaphandle. Kukhona abebengingabaza kodwa laba bafana sebeligezile igama lami futhi sengingababuka emhlweni labo abebengingabaza ngibabuze ukuthi kunjani manje.

“Buka ngikuphi manje. Angisho ukuthi ngifuna ukususa uchuku ngalokho. Kungumlayezo nje. Umlayezo webhola,” washo kanje uMosimane. Abazaziyo ezaleli qembu bathi la mazwi ayebhekiswe kwesinye sezikhulu uCedric Moela ababenokuhilizisana naye.

UMosimane wabe esebizelwa esigungwini seqembu esiqondisa izigwegwe, watholwa enecala wabe eseyalelwa ukuba axolise esidlangalaleni. Okumphatha kabi kakhulu ngalokhui wukuthi wenziwa ingane encane wabhalelwa okumele akusho uma esexolisa.

Emaphepheni asenkantolo, uMosimane uthi babe sebexhumana noMotsepe la amtshela khona ngokungezwani okukhona phakathi kwakhe nabathile eqenjini okwenza kungasebenzeki.

FUNDA NALA: Sekubhekwe ngabomvu ukubonakala kwendoda yesikhulu se-Arrows ensimini

Kukweminye yale mihlangano la uMotsepe avuma khona uma ecelwa ukuthi kuhlukwane ngesihle. Yingakho uMosimane nomkakhe bethi ababoni kufanele kube khona imali abayibuyisela emuva ngoba abazange bavele bazithathele bodwa isinqumo sokushiya.

UPatrcie Motsepe akasekho kwiSundowns futhi akasavumelekile ukungenelela ezindabeni zayo njengpoba esengumengameli weCAF nje. Usashiya indodana yakhe uThlophane Motsepe okuyiyona esingusihlalo weqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.