UMosimane uyaqhubeka nokuqopha umlando njengomqeqeshi

Sihle Ndlovu

Usephinde waziqophela omunye umlando umqeqeshi waseNingizimu Afrika uPitso Mosimane oseqashwe yiBournemouth yase-England njengeTechnical Director yayo.

UMosimane ungumqeqeshi wokuqala ngqa waseNingizimu Afrika ukuyosebenza kwi-English Premier League (EPL). Ube ngumqeqeshi wokuqala kumasizini edlule ukuyosebenza e-Egypt kwi-Al Ahly.

Kumarekhodi anawo uMosimane uyena umqeqeshi osewine izindebe eziningi zayo yonke imiqhudelwano ekhona eNingizimu Afrika. Uyena yedwa futhi umqeqeshi waseNingizimu Afrika osawine iCAF Champions, nokuyinto ayenze neMamelodi Sundowns ne-Al Ahly.

Impempe iyamhalalisela umfo kaMosimane ngokuqhubeka nokuphoqoza amarekhosi nokuqopha umlando.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *