UMotale uthi akukho Sundowns esiwine isicoco seligi la

UMotale uthi akukho Sundowns esiwine isicoco seligi la
UTeboho Mokoena noTHemba Zwane beMamelodi Sundowns
Sihle Ndlovu

Inkakha ye-Orlando Pirates u-Edward “Magents” Motale ithi akukapheli ngesicoco seDStv Premiership futhi wukugagamela ukuthi asinikwe iMamelodi Sundowns manje.

Ukhuluma kanjena nje uMagents Abafana Ba-Style bavule igebe lamaphuzu angu-17 esicongweni ngemuva kokushaya iChippa United emdlalweni weligi ngoMsombuluko.

Abaningi babona kungekho okusengenziwa yi-Orlando Pirates, esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-30, Stellenbosch FC enangu-29 neKaizer Chiefs enamaphuzu angu-28.

“Cha angivumi, akukapheli. Amaphuzu angu-17 kuphela ayigebe futhi ngiyakholwa ukuthi kusengenzeka noma yini,” kusho uMotale owawina iCAF Champions League neBucs.

“Uma iSundowns ingashaywa umdlalo owodwa bese idlala ngokulingana kwemibili zingashinsha izinto uma iqembu eliyilandelayo liwina emithathu ilandelana.

“Umehluko engiwubonayo nje ukuthi iSundowns ayidlali kahle kodwa iyaqhubeka nokuwina ngoba iyawashaya amagoli.

FUNDA NALA: IChiefs isangangena otalatiyeni ngokuxoxa kwayo noSithebe ngoDisemba

“Ngakolunye uhlangothi iPirates idlala kahle kodwa iyehluleka ukushaya amagoli.” IPirates isele ngemuva ngomdlalo owodwa kwiSundowns njengoba isendaweni yesibili.

“Ngikhumbula ngenye isizini iMamelodi Sundowns yayisethubeni lokuwina izindebe ezimbili ivule igebe lamaphuzu angu-16 esicongweni.

“Yagcina ingakwazanga ukuwina iligi ngaleyo sizini,” kusho uMotale ongomunye wabadlali ababengaconsi kubalandeli ngezikhathi zabo.

“Uma mina kungathiwa ngingumqeqeshi wamaqembu alandela iSundowns ngingabatshela abadlali ukuthi baqhubeke nokulwa ngoba kusengenzeka noma yini.

“Kumele bawine imidlalo yabo yasekhaya bese bebona ukuthi neyasekuhambeni iyawineka yini. Akukafikwa ekugcineni.”

Imidlalo yeDStv Premiership izoqhubeka ngoMsombuluko njengoba kuleli sonto kusadlalwa eyomzuliswano wokuqala weNedbank Cup.

ISundowns izobhekana ne-Al Hilal yaseSudan emdlalweni weCaf Champions League ngoLwesihlanu eRustenburg.

IPirates izobhekana neJS Saoura yase-Algeria e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama. Ngemuva kwalokho ke iyobe seiyibuyela kweyeligi.

Izobhekana neGolden Arrows khona e-Orlando ngoLwesithathu lukaFebhuwari 16 la izobe izama khona ukungasaleli emuva kakhulu kwiSundowns.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.