UMotale uthi kuphoqe isimo iPirates iqasha uRiveiro

UMotale uthi kuphoqe isimo iPirates iqasha uRiveiro
Inkakha ye-Orlando Pirates u-Edward "Magents" Motale
Sihle Ndlovu

Inkakha ye-Orlando Pirates, u-Edward “Magents” Motale iyaqonda ukuthi kungani eZimnyama zikhethe ukuqasha umqeqeshi wangaphandle kweziziba zasekheya.

Abalandeli beBucs bebelindele ukuthi zidlela ekhaya kodwa iBucs yavele yathushuka nomqeqeshi waseSpain, uJose Riviero, kungazelele muntu.

“Asinaye umqeqeshi ozihlalele njengamanje eNingizimu Afrika,” kusho uMotale owayethandwa abalandeliesadlala kuleli qembu.

Le nkakha yayiyingxenye yeqembu elawina i-African Champions League (Afcon) neBucs ngo-1995.

“Ngiyamjabulela futhi ngimfisela okuhle kodwa. Ngethemba ukuthi iPirates izobuyela ezikhathini ezimnandi zakudala.”

Okushiwo uMotale akwehli kahle kwabanye abalandeli bePirates abebelindele ukuthi kuqashwe okungasenani uBenni McCarthy noma uDaniel Malesela.

Abanye bese nethembe nokuthi eZimnyama zingase zilande uPitso Mosimane osanda kushiya i-Al Ahly yase-Egypt.

Okunye okucika kakhulu abalandeli bePirates ukuthi igcine uMandla Ncikazi abese bengamfuni nalapho ehambe khona ekupheleni kwesizini edlule.

FUNDA NALA: ‘IPirates izodlala ibhola leMan City,’ kusho owazi umqeqeshi wayo omusha

Okubame emqaleni kakhulu ukuthi uNcikazi noFadlu Davids, abebambisene naye, bahlulekile ukuwina iCaf Confederation Cup sebebanjelwe.

Nokho abanye bayamncoma lo mqeqeshi omusha weBucs ukuthi kukhona okungcono azokwenza.

Bakhona nabalandeli baseNingizimu Afrika abakholwa wukuthi bekungeke kusize ukuqasha umqeqeshi wakuleli ngoba sebenikiwe ithuba phambilini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.