UMotaung Jr uphoxekile ngokushiwo uMngqithi ngeChiefs

UMotaung Jr uphoxekile ngokushiwo uMngqithi ngeChiefs
UKaizer Motaung Junior
OkaDonga Gumbi

Isikhulu seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior, sithi baphoxekile ngokushiwo umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ngempelasonto edlule.

UMngqithi usole iChiefs ngokuba amambuka, wathi ukushaya kwabo i-Al Ahly kufana nokuthi bayishaye bayibhangqa neChiefs.

Lokhu bekulandela ukuthi iChiefs yemukele isicelo se-Al Ahly sokuthi izicijele eNaturena ngesikhathi ilungiselela umdlalo wayo neSundowns.

FUNDA LOLU DABA LA: UMngqithi ukujabulele ukudla i-Al Ahly eyisheba ngeChiefs

Ekhuluma enkundleni yeTwitter ebizwa ngeSpaces, uMotaung Junior uvele wazicelela engabuzwanga, ukuhlambuluka ngale nkulumo kaMngqithi.

“Ngifuna ukuphawula kafushane ngokunye kulokhu okushiwo nguzakwethu esimhloniphayo kwiSundowns, umqeqeshi uMngqithi, ngoba kuyaphoxa kakhulu.

“Uyazi thina njengeqembu kubalulekile kithi ukubonakalisa ukuzwana namaqembu akwamanye amazwe, ngenhloso yokukhulisa ibhola, kanti nokuhlalisa i-Al Ahly besikwenzela lokho.

“Sikuzwile okushiwo nguMngqithi kanti okwenza ngithi kuyaphoxa wukuthi akukhombisi umoya wezemidlalo.

FUNDA NALA: Usihlalo weSundowns ubhalele i-Al Ahly incwadi ephikela abalandeli ngokuphazamisa ibhasi

“Esikhundleni sokuthi umqeqeshi agxile empumelelweni enkulu ababe nayo ngokushaya ompetha beChampions League kabili, ukhethe ukusebenzisa ithuba ukuhlasela thina.

“Usho izinto ezingenawo nhlobo umoya wobunye kwezemidlalo kwabezindaba,” kusho uMotaung Jr, oyindodana kaKaizer ongumsunguli nosihlalo wweChiefs.

“Kithi, ukube omunye wethu kubaphathi beqembu noma umqeqeshi ukhulume ngaleya ndlela, bekuzosicasula impela lokho.

“Besizombizela emhlanganweni lowo mqeqeshi ukuba azochaza la mazwi akhe, ngoba awafanele neze futhi nje ayaphoxa khakhulu,”  kuphetha uMotaung Jr.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.