UMotaung uchaza ngokubuya kukaBaxter kwiChiefs

UMotaung uchaza ngokubuya kukaBaxter
UKaizer Motaung Junior, KaizerMotaung Senior noStuart Baxter
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Isikhulu seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior sesiphawule ngokubuyiswa kukaStuart Baxter owashiya kuleli qembu kunezinsolo zokuthi akeneme ngo-2015.

IChiefs yenze obekungalindelwe ngokubuyisa uBaxter. Kodwa mhlawumbe iphoqwe yindlala njengoba kunguye lo mqeqeshi owagcina ukuletha izinsuku zenjabulo eNaturena.

Ngesikhathi uBaxter eshiya iziMpofana kwavela izinsolo zokuthi azimphathanga kahle izindaba zokushiya kukaKingston Nkatha noJimmy Tau ababewumgogodla weqembu elalidla izicoco ngaleso sikhathi.

Konke lokhu kwenzeka ngaphandle kolwazi lwakhe uBaxter, kwaholela ekutheni ashiye phansi. Wabe eseya kwiSuperSport United wafike wenza kahle, walandwa yiBafana Bafana. Kuthe uma esuka kuBafana walifulathela leli.

Nokho Amakhosi azithobile abuyela kuBaxter ngemuva kokuhluleka ukuthola izicoco ngaphansi kobuholi bukaSteve Komphela, Giovanni Solinas, Ernst Middendorp noGavin Hunt.

Ekhuluma nabeDUrban Youth Radio ngoLwesibili, uMotaung uphumele obala ngezizathu ezenze babuyisa lo mqeqeshi.

“UStuart Baxter wenza kahle kakhulu ngesikhathi egcina ukuba nathi. Nami ngidlalile ngaphansi kwesandla sakhe futhi amagalelo akhe ngiyawazi.

“Izimanga azigila enqoba izicoco ezine eminyakeni emine akuyona into encane. Kuyintokozo nesibusiso ukuphinde simamukele eqenjini ngoba uza nolwazi olunzulu,” kubeka uMotaung.

Ngesekhathi uBaxter egcina ukucija abafana basePhefeni, wawina izicoco ezine okuyiMTN 8, Nedbank Cup nezimbili zeligi. Kusukela ahamba, leli qembu lidonsa ngodizili.

“Siyajabula ukuthi usefikile eqenjini futhi sihlalele ethembeni lokuthi izinto zizolunga ngokushesha (uBaxter usalinde amaphepha akhe amgunyaza ukuba asebenze). UBaxter ayikho enye into ayaziwo ngaphandle kokunqoba. Asingabazi ukuthi ukufika kwakhe kuzokwenza umehluko,” kuqhuba uMotaung.

Funda nala: Ngabe uMessi uzohamba noma uzohlala kwiBarcelona? 

UBaxter usethubeni lokubuyisa izinsuku zenjabulo kuMakhosi kungakapheli sikhathi esitheni efikile njengoba leli qembu likweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.

IChiefs ishaye iWydad Casablanca yaseMorocco ekuhambeni emlenzeni wokuqala ngegoli likaSamir Nurković. Umlenze wesibili uzoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ebsuku.

“Ezinye izinto empilweni zihambiselana nesikhathi, sibe nenhlanhla yokuthola ithuba lokusebenzisana nabanye abaqeqeshi. Ibhola linezinto eziningi eziletha impumelelo.

“Le minyaka edlule isinike izifundo eziningi. Sijabule ngokubuya kukaBaxter futhi siyethemba ngokuthi ukubuya kwakhe kuzokwenza umehluko kuzo zonke izinhlaka,” kuphetha uMotaung omncane.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.