UMothwa akafuni ukuzibophezela ekuziphindiseleni kwiPirates

UMothwa akafuni ukuzibophezela ekuziphindiseleni kwiPirates
UVeli Mothwa
Sihle Ndlovu

Egcina ukungena enkundleni evala unyaka AmaZulu aguqiswa yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium.

Usuthu luzovula unyaka omusha ngomdlalo obucayi nayo iPirates khona e-Orlando Stadium – kodwa kulokhu sekungumdlalo weNedbank Cup.

Ungalindela ukuthi izinkulumo ezozophuma ekhimpini yoSuthu ngezokuziphindiselela kuMabhakhaniya abadlisa uKhisimuzi kabi.

Kodwa unozinti wallei qembu uVeli Mothwa uthi abakubekile emqondweni lokho kwazise uma benza kanjalo bengazithola sebenzengcindezi enkulu.

“Engingakusho ukuthi abantu bazothi yisikhathi sokuthi siyoziphindiselela. Kodwa akunjalo,” kusho uMothwa ngalo mdlalo ongeSonto ntambama.

“Yisikhathi sokuthi sithathe umdlalo ngamunye, sibheke ukwenza kahle kuwo. Kuzoba wumdlalo onzima ngoba wonke amaqembu manje azobe esezimisele kakhulu kunakuqala futhi efuna ukudlulela phambili kulo mqhudelwano.”

Uthe bawulundele kahle lo mdlalo futhi sebekulambele ukudlala kwazise side isikhathi bagcina ukungena enkundleni.

“Ngibona sengathi wonke umdlali usewulungele umdlalo ngoba kusukela sibuyile ekhefini wonke umuntu ubonakala ezimisele.

“Sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo wethu esizowudlala nePirates sesethemba ukuthi uzoba muhle,” kusho uMothwa.

FUNDA NALA: UCaster usola umnyango wezemidlalo ngokungathembeki

Ebuzwa ngabadlali abasha boSuthu, uthe: “Bahle kakhulu… umgadli wethu muhle. UMobara naye muhle – wonke umuntu uyamazi uMobara nokuthi udlala kanjani ngicabanga ukuthi uzosheshe angene esitayeleni sethu.”

Umgadli akhuluma ngaye ngu-Abraham Majok onobuzwe baseSudan nase-Australia osayine ngoJanuwari kuleli qembu laseThekwini.

Yize encoma ukuzimisela kuMaZulu uMothwa, into engase ibe yidungamuzi wukungenami okukhona ‘ngokudayiswa’ uSiyethemba Sithebe.

Lo mdlali usayine isivumelwano sokujoyina iKaizer Chiefs uma sekuphele inkontileka yakhe oSuthwini okuyinto engehlanga kahle kubaphathi baze basabisa ngokungamvumeli ukuba adlale kuleli qembu.

IPirates yona ayizange iliqinise iqembu ngoJanuwari kodwa umgadli wayo uGabadinho Mhango uzobe ehambela phezulu njengoba edlale kahle kwi-Afcon eCameroon neMalawi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.