UMothwa, Sithebe noDe Reuck bazibekisele indawo kwiBafana

UMothwa, Sithebe noDe Reuck bazibekisele indawo kwiBafana
USiyethemba Sithebe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Abadlali beBafana Bafana abebeyibambe kwiCosafa Cup ka-2021 bakhombise ukuthi bakuzwile okushiwo yiphini lomqeqeshi, uHelman Mkhalele, ngaphambi kokuthi kuqale lo mqhudelwano emasontweni edlule.

IBafana igcine iwine lo mqhudelwano kulandela ukushaya iSenegal ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu ngeSonto, eNelson Mandela Bay Stadium.

NgokukaMkhalele abadlali abebedlala kwiCosafa bazobhekwa uma sekuqokwa iqembu elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngo-2022.

 “Sithemba ukuthi laba badlali  bazolisebenzisa ithuba abazolithola, bahlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi. Sinemidlalo eyisithupha okumele siyidlale eqoqweni lethu leNdebe yoMhlaba.

“Lo mqhudelwano uzolungiselela abadlali imidlalo yokuhlunga yeNdebe yoMhlaba, kanti sithemba ukuthi abadlali bazozuza kwiCosafa. Sifuna ukuwuwina lo mqhudelwano ngakho sizozimisela kuwona,” ucashunwe kanje uMkhalele kusazoqala iCosafa Cup.

Impempe.com ihlabeke umxhwele ngendlela abadlali beBafana abadlale ngokuzimisela ngayo kulo mqhudelwano. Uma kungathiwa bathathu abadlali okumele babe seqenjini elizodlala eyokuhlunga yeNdebe yoMhlaba, kubabathathu okungamele bangasali.

Labo ngoVeli Mothwa obengukaputeni, uRushine de Reuck noSiyethemba Sithebe, abebengamaphini kakaputeni kwiCosafa Cup, balilwelile ijezi laba.

Veli Mothwa – UMothwa ulihole kahle kakhulu iqembu futhi kucacile ukuthi unawo amava njengoba engangenelwanga nayelilodwa igoli kulo mqhudelwano. Uphinde wawina nomklomelo wonozinti oshaye into ecokeme. UMothwa uphinde waveza elinye ikhono ebelicashile kuye ekhahlela ngobuchule iphenathi kowamanqamu.

Rushine De Reuck – ukhombisa ukukhula zonke izinsuku futhi kuyabonakala uma ekhona emuva. Nakanjani lo mdlali uyikusasa leqembu lesizwe ngakho akumele asale uma kuqokwa abadlali beBafana Bafana. Kusazomele nokho ajwayele ukuzikhulumela ngoba le ndawo ayidlalayo idinga umuntu ovulelekile emlonyeni.

Siyethemba Sithebe – uvele usekukhombisile ukuvuthwa kuMaZulu FC, futhi akumangazanga ukuqokwa kwakhe njengomdlali obashaye bonke emakhanda kwiCosafa Cup ka-2021. Kuzofanele ahlale ekhona eqenjini lesizwe. USithebe ukhombise ukukhula njengoba ebedlaliswa indawo angayejwayele yikumaka esiswini kodwa wayidlala kahle nje.

Bakhona nabanye abadlali abafana noNjabulo Ngcobo, Monnapule Saleng, Nyiko Mobbie, Austin Dube, Ethan Brooks noThabang Sibanyoni, abayisisekelo esihle sekusasa leBafana.

FUNDA NALA: UPitso akazwelananga neChiefs ngekhadi elibomvu likaMashiane

Nokho kumele sikuqonde ukuthi okwamanje mhlawumbe ngeke babizwe bonke kodwa likhona ithemba lokubuya kwesithunzi seBafana ngomuso.

ISAFA ithe izozama ukutholela iBafana imidlalo yokungcweka ngaphambi kokuthi idlale ebalulekile yokuhlunga. Kodwa lokhu kunzima uma kubukwa ukudlanga kweCovid-19, ngakho uqinisile uMkhalele uma ethi iCosafa bekumele nakanjani babhukule kuyona.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.