UMothwa ubona Usuthu lusangaziphinda izimanga zangesizini edlule

uMothwa
UVeli Mothwa
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Thuli Dlamini

Unozinti waMaZulu FC uVeli Mothwa uthi basangakuphinda okwangesizini edlule yize beyiqale ngebatha isizini entsha.

Usuthu luke lwadlala imidlalo engu-16 lungayazi induku ngesizini edlule kanti uMothwa ubona kuyinto abasangayenza leyo kule sizini.

“Bese sidlale imidlalo emihlanu (kule sizini) futhi uma ungawatholi amaphuzu uyaqala ube nengcindezi.

“AmaZulu abewina ngesizini edlule, kanti abanye bese bezocabanga ukuthi siyiqembu eligqama isizini eyodwa,” kusho uMothwa.

“Iwini yeBaroka isisize kakhulu ngoba lokhu kusinyusele endaweni yesikhombisa. Asisafuni ukuzibona sile phansi kusukela manje.

“Engingakusho ngaMaZulu ukuthi into eyenzekile ngesizini edlule, ungenzeka sidlale imidlalo engu-16 singadliwa

“Yikho nje ngithi le wini le iyona ezosisiza ukuthi sibone imidlalo ezayo ukuthi sizokwenzenjani kuyona.”

Njengoba ekhuluma ngemidlalo ezayo uMothwa Usuthu luzobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eJonsson Kings Park ngoMgqibelo.

“Umdlalo omkhulu kubalandeli futhi umdlalo omkhulu ngokwethelevishini. Nokho kubadlali umdlalo nje ojwayelekile okumele siwudlale,” kusho uMothwa.

“Yebo iChiefs iyiqembu elikhulu kodwa ngokunjalo nathi siyiqembu elikhulu singaMaZulu.

“Simele abantu baseKZN, futhi ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omkhulu kithina.

“Kuzoba kuhle ukuthola amaphuzu amathathu ngemuva kokuwina kwiBaroka,” kuchaza uMothwa.

IChiefs izobe izama ukuthola amaphuzu agcwele ngemuva kokuhluleka ukuwina emidlalweni emibili edlule.

FUNDA NALA: UDladla ucacisa ngokubamba kwakhe kwiSwallows enike umqeqeshi ikhefu

Ibhaxabulwe yiRoyal AM ngo 4-1, kwathi emdlalweni wokugcina yabambana neMarumo Gallants ngo 0-0.

“Ngeke ngisho okuningi ngamanye amaqembu ngoba kulimaza omunye umuntu ezinkundleni zokuxhumana.

“Nokho ngicabanga ukuthi bazoqhamuka nendlela ehlukile ngoba babonile ukuthi sidlala kanjani nathi sibabonile.

“Kuzoba umdlalo onzima kodwa uzojabulisa ngoba womabili amaqembu ayafuna ukuwina.

“IChiefs naMaZulu bafuna ukuwina kule mpelasonto ngakho kuzoba umdlalo omuhle.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.