UMothwa uqophe irekhodi elisha kuSuthu

UVeli Mothwa
Sihle Ndlovu

Unozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, uziqophele irekhodi elisha kule sizini lokungangenelwa amagoli emidlalweni yeqembu.

Yize kuke kwaba khona lapho lo nozinti enze khona amaphutha kodwa emidlalweni engu-13 kule sizini akazange alilande enethini ibhola. UMothwa ufinyelele emidlalweni engu-13  engangenelwa amagoli ngesikhathi Usuthu lubambana neSekhukhune United ngo 0-0 eMoses Mabhida Stadium, ngempelasonto.

UMothwa uthe ujabula kakhulu ngokuthi uphule irekhodi nokuyinto abengayinakile yena.

“Yebo ngiyasebenza kanzima njengonozinti kodwa isikhathi esiningi ngibonga izitobha zami ngoba yizo ezenza umsebenzi omkhulu wokuvimba izitha,” kusho uMothwa.

“Akukho okuhlukile engikwenzayo mina kodwa wuhlelo engisuke nginalo nabadlali. Akuyona into esisuke siyikhulumile ukuthi asifuni ukungenelwa yigoli kodwa uma umdlalo uqhubeka enkundleni uyabona ukuthi kuzolunga.”

Unozinti obephethe irekhodi kuSuthu uKalilio Kakonje ongangenelwanga amagoli emidlalweni engu-12 ngesizini ka-2008/2009.

“Ngiyajabula kakhulu kodwa bengingazi nokuthi kukhona unozinti obephethe leli rekhodi kuMaZulu. Ngiyajabula ukuthi ngiqophe elami irekhodi, oseyolandela mina kuyomele naye aqophe elakhe irekhodi,” kuphetha uMothwa.

AmaZulu asedlale imidlalo engu-15 kule sizini engangelwa yigoli. Nokho kwemibili yayo kwakuvimbe uNeil Boshoff. UMothwa yena usevimbe imidlalo emihlanu ilandelana engangenelwa yigoli.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.