UMotsepe ubona iSekhukhune iwadla wonke amaphuzu kwiPirates

UMotsepe ubona iSekhukhune iwadla wonke amaphuzu kwiPirates
USello Motsepe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ISekhukhune United ibona izobuya nawo amaphuzu amathathu uma isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership.

Umdlalo use-Orlando Stadium eSoweto ngoLwesibili ngo-5.30 ntambama.

Lokhu kushiwo uSello Motsepe weSekhukhune othe bafuna ukuqhubeka nomgqigqo wabo omuhle.

Lo mgqigqo osubenze bahlala endaweni yesihlanu kwilogi yePremiership kwisizini yabo yokuqala kulesi sigaba.

“Njengoba sidlala nePirates e-Orlando omunye umdlalo wethu wasekuhambeni.

“Siyafisa nathi ukuthi siwine umdlalo wethu wesithathu ekuhambeni,” kusho uMotsepe.

“Sizoya ngokuzimisela kulo mdlalo, senze isiqiniseko sokuthi senza lokhu esikuhlelile.

“Ngiyacabanga ukuthi ngokuzimisela kwethu singakwazi ukuthi sibuye namaphuzu aphelele.”

Ngeke kuthathwe kancane okushiwo uMotsepe uma kubhekwa indlela elidlala ngayo leli qembu elingomakoti kwiPremiership.

Emdlalweni odlule weligi limangaze AmaZulu FC eliwashaye ngo 2-0 kungazelele muntu.

“Siwulungiselele kahle umdlalo wethu nePirates, futhi sithatha umdlalo ngamunye ngokukhulu ukucophelela.

“Uma singazinikela njengoba senza sizobuya nomphumela omuhle. Sizoya laphaya siyolwa,” kugcizelela uMotsepe.

Emidlalweni eyisishiyagalombili iSekhukhune seyiwine emine, yadlala ngokulingana emibili yase ishaywa kwemibili.

Lokhu akukubi neze uma kubhekwa ukuthi leli qembu belidlala kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule.

Yilona elibe ngompetha kulesi sigaba. Ngakolunye uhlangothi iBucs abazobhekana nayo kuthanda ukungayihambeli
kahle selokhu kuqale isizini.

FUNDA NALA: Isikhulu selePSL lisolwa ngokusabisa umshana ngokufa

Emidlalweni eyisishiyagalombili isawine emibili, yadlala ngokulingana kwemihlanu yase ishaywa kowodwa.

EZimnyama zigcine ukungena enkundleni ngomdlalo neMaritzburg United ophele kungu 0-0 eMgungundlovu.

Ukudlala ngokulingana sekuyilahlekisele ngamaphuzu amaningi kakhulu iPirates.

Njengamanje isendaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-11 kanti uma izimisele ngokulwela isicoco kuzomele ijike ukwenza.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.