UMotsepe usenikwe imvume yokungenela ukhetho lwesokwengamela iCaf

OkaDonga Gumbi

Umengameli weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe, usegunyaziwe ukuthi angalungenela ukhetho lokukhetha ozokwengamela iConfederation of African Football (CAF).

Lokhu kumenyezelwe yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa ngoLwesibili ebusuku. IReview Committee, okuyikomidi leFifa elihlola liphinde liphenye bonke abafisa ukungenela ukhetho lwezikhundla ebholeni lomhlaba, ithole ukuthi akukho okuvimba uMotsepe ekungeneni kulolu khetho.

Kulolu khetho uMotsepe uzobanga no-Augustin Senghor, ongumengameli weSenegalese Football Association, Jacques Anouma wase-Ivory Coast no-Ahmed Yahya, owengamele iMauritanian Football Federation.

Imizamo yalowo obephethe iCAF kodwa osamisiwe, u-Ahmad Ahmad, yokubuyela kulesi sikhundla ayiphumelelanga njengoba engagunyazwanga. U-Ahmad umiswe iminyaka emihlanu engazihlanganisi nebhola kulandela ukutholakala enamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

Ukhetho luzoba ngoMashi 12, enhlokodolobha yaseMorroco, iRabat. Encwadini iReview Committee eyibhalele uMotsepe ngoLwesibili, ithe akukho abakutholile okumvimbela ukuthi abe ngomunye abangakhethelwa isikhundla sokwengamela iCAF.

“Siphendula incwadi owasithumelela yona ngomhlaka 12 kuJanuwari 2021, ngodaba lokhetho. Sikwazisa ukuthi iReview Committee iyakugunyaza ukuba ungenele ukhetho lwesikhundla sokwengamela iCAF nokuba yiphini likamengameli kwiFifa,” ibifundeka kanje le ncwadi.

UMotsepe nguyena kuphela ongakaze abe ngumengameli wenhlangano ephethe ibhola ezweni lakhe kulaba ancintisana nabo.

Nokho amathemba makhulu okuthi uzoluwina ukhetho njengoba bebaningi ososeshini abamesekayo, okubalwa kubo owaseNigeria oholwa ngu-Amaju Pinnick nowaseSierra Leone ophethwe ngu-Isha Johansen.

OPinnick noJohansen bangabaholi abahlonishwayo, futhi basesigungwini seCAF. Bathi abazogcina nje ngokumeseka uMotsepe kodwa bazomkhankasela nakwabanye ukuba beseke yena.

“Akusikhona ukumemezela ukumeseka nje kuphela. Sizosebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi uyaqokwa. Futhi nje ngingakuqinisekisa ngokugcwele ukuthi uPatrice Motsepe nguyena ozoba ngumengameli olandelayo weCAF,” washo kanje uPinnick ngoNovemba nyakenye ngesikhathi ememezela ngokusemthethweni ukweseka kwakhe lo somabhizinisi waseNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *