UMotsepe uvikise iPSL ihlazo elibi eqhamuka noxhaso

UMotsepe uvikise iPSL ihlazo elibi eqhamuka noxhaso
UPatrice Motsepe no-Irvin Khoza ngesikhathi kwethulwa iMotsepe Foundation Championship
Sbongs Gumbi

Icishe yangena ehlazweni iPremier Soccer League (iPSL) ngesikhathi ishiywa dengwane yiGladAfrica ebingabaxhasi besigaba sokuqala sale nhlangano ephethe ibhola elikhokhelayo kuleli.

Nokho ibe nenhlanhla ngesikhathi kusheshe kuqhamuka umengameli weCaf uPatrice Motsepe efaka isandla njengoba lesi sigaba sesizokwaziwa ngeMotsepe Foundation League.

Sekungokwesibili ke lesi sikhwama sezimali zakwaMotsepe sisiza ebholeni njengoba kukhona ne-ABC Motsepe League eqanjwe ngegama likayise kaPatrice.

Yize inininingwane eminingi ingakavezwa emophakathini, kulindeleke ukuthi iMotsepe Foundation ifake ebhekile nezokwenza lesi sigaba sikwazi ukukhokhela kahle.

Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza uveze ukuthi kunzima kubo ukutholela lesi sigaba abaxhasi ngenxa yokuthi imidlalo yaso ayikhonjiswa kwithelevishini.

Uthe nokuthola ukuthi le midlalo ikhonjiswe kwithelevishini kunzima ngokwakho, yingakho behlala benzenza amaqembu adlala khona ukuthi azidayise ngayo yonke indlela angakwazi ngayo.

FUNDA NALA: UVilakazi nohlelo lokubuyisa abelungu esibhakeleni

“Ngeshwa, noDanny Jordaan angakufakazela lokhu, yize iSABC okufanele ikhombise imidlalo yakuleli, kodwa bavele babalise ngezindleko zokusakaza imidlalo bukhoma,” kusho uKhoza.

“Yingakho kumele sithole enye indlela yokuthi le midlalo ibe kwithelevishini, ngokuthi sizame ukwenyusa isasasa ngayo.

“Yingakho sihlale sitshela amaqembu ukuthi, “Zigabiseni ukuze amaziko okusakaza ezoheheka – noma kungaba yiSABC – ukuze bakwazi ukuthola abazofaka izikhangiso ngesikhathi semidlalo,” kuchaza uKhoza.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.