UMotshwari ‘usepokelwa’ yizenzo zakhe kwiBucs emchithayo?

UBen Motshwari
Sihle Ndlovu

Uma iyiqiniso yokuthi uBen Motshwari usohlini lwabadlali abazodedelwa yi-Orlando Pirates, imibuzo ezosala eyokuthi ngabe yini egqugquzele lesi sinqumo.

IBucs kulindeleke ukuthi imemezele inqwaba yabadlali ezobadedela kanti igama likaMotshwari liyavela. Lo mdlali ungomunye walabo abebelokhu benza kahle kuleli qembu yize lingatholanga ndebe ngesizini edlule.

Mhlawumbe uMotshwari usebuyelwa yisimo abhekane naso ngesizini edlule lapho eke waphambana khona nengalo yomthetho. Ubesolwa ngokushaya intombi yakhe nokwaholela ekutheni alandwe amaphoyisa ejimini yeqembu ngoSepthemba nyakenye.

IPirates yaphoqeleka ukuthi imise lo mdlali amasonto amane engazimbandakanyi neqembu.

“I-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi seyimise umdlali wasesiswini uBen Motshwari ngemuva kokubekwa icala amaphoyisa namuhla ekuseni,” sasisho kanje isitatimende sePirates.

“UMotshwari uzoma ukuba yingxenye yeqembu njengoba kusaqhubeka uphenyo.”

Uma kuyiqiniso ukuthi uMotshwari uzokhonjwa indlela kwiBucs mhlawumbe kuhlangene nalesi sehlakalo, yize icala lagcina lihoxisiwe.

Abanye abadlali Impempe ethole ukuthi bazokhonjwa abeza ngayo, uZakhele Lepasa, uTerrence Dzukamanja, uLinda Mntambo, uKwanda Mngonyama, uCollins Makgaka, uTeboho Tlolane, uBongani Sam, u-Abel Mabaso noWayne Sandilands

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.