UMotshwari umisiwe kwiPirates ngemuva kokuvulelwa icala

UMotswari umisiwe kwiPirates ngemuva kokuvulelwa icala
UBen Motswari
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates seyiqinisekise ukuthi umisiwe umdlali wayo uBen Motshwari kulandela ukubekwa icala ngokusemthethweni ngamaphoyisa ngoMsombuluko.

EZimnyama zikhiphe isitatimende zichaza ukuthi uMotshwari uzoke athi gozololo yize kungachazwanga ukuthi icala abekwe lona limayelana nani.

Kodwa Impempe seyingakuveza ukuthi uMotshwari ulandwe ejimini yePirates ngamaphoyisa futhi yingakho iqembu selisheshe lammisa ukuze liziqhelelanise nezenzo zakhe.

Okunye esingakuveza wukuthi lo mdlali wasesiswini ubhekene necala lokushaya kulandela ukuhilizisana kwakhe nentombi.

Imithombo ithi uMotshwari usole isithandwa sakhe ngokuthi sesidlalisa izitha enkundleni yakhe wabe esevulela isimbambamba.

“I-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi seyimise umdlali wasesiswini uBen Motshwari kulandela ukubekwa icala amaphoyisa namuhla ekuseni.

“UMotshwari uzoma ukuzibandakanya neqembu njengoba kuqhubeka uphenyo,” kusho isitatimende kwi-website yeBucs.

UMotshwari akuyena umdalli wokuqala wePirates ukubhekana nezinsolo zokushaya isithandwa njengoba noThembinkosi Lorch eke wamiswa phambili ngesizathu esifanayo.

UMotshwari ubekhona enkundleni ngesikhathi iPirates ibhaxabula iChippa United ngo 3-1 eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo.

Lo mdlali oke wayibamba kwiBidvest Wits, ungomunye walabo abayizinsika kwiBucs. Kwenzeka lokhu nje iPirates ivele ibhekene nezinkinga zokulimala kwabadlali.

FUNDA NALA: Kuyakhanya phambili kubasubathi abangamawele abasebancane

Kwayena uMotshwari usanda kwelulama kanti oRichard Ofori, Thembinkosi Lorch, Innocent Maela noZakhele Lepasa, basekude ukudlala ngenxa yokulimala.

IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni olandelayo weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

Leli qembu lisendaweni yesine kwilogi ngemuva kwemidlalo emine. IBucs seyiwine imidlalo emibili yadlala ngokulingana kwemibili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.