UMotswari uthi iPirates ifase amabhawodi abexega ngabadlali abasha

UMotswari uthi i-Orlando Pirates ifase wona impela amabhawodi abexega
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukudlala imidllao eminingi ngesizini edlule kuyivezele la ixega khona i-Orlando Pirates. Yingakho umdlali wasesiswini kuleli qembu, uBen Motswari ejabule ngendlela okuthezwe ngayo.

Uthi abadlali abasha bayizipanela ezifanele futhi ezizowaqinisa kahle amabhawodi abexega ngesizini edlule. Lokhu kuzobenza bakwazi ukuncintisana ngokugcwele kuyo yonke imiqhudelwano abazoyidlala.

“Ngicabanga ukuthi laba badlali abasayiniwe besibadinga kakhulu ukuqinisa iqembu. I(Mamelodi) Sundowns inesikwati esikhulu yingakho ikwazi ukulwela ngemoumelelo izicoco kuleli nase-Afrika,” kusho uMotswari.

“Ngicabanga ukuthi lena kuzoba yisizini enhle kithi. Sidlale imidlalo eminingi kwiCAF, sihamba amazwe ngamazwe. Ngicabanga ukuthi kube khona nenhlese yokukhathala ngenxa yalokhu, kodwa angizami ukwenza izaba ngalokho.”

IPirates isayine uBandile Shandu noKwanda Mngonyama abebekwiMaritzburg United, Goodman Mosele kwiBaroka noMonnapule Saleng kwiFree State Stars. Kodwa uSaleng ibuye yabolekisa ngaye kwiSwallows.
Kusenezinkulumo zokuthi isazophinde yengeze ngoNkosinathi Sibisi noSifiso Mlungwana beGolden Arrows no-Evidence Makgopa weBaroka.

UMotshwari nokho weneme ngalaba asebekhona njengamanje futhi uboan bezoletah uguquko olufanele eqenjini ukuze lenze kangcono ngesizini ezayo.

FUNDA NALA: UFeutmba uthi asazoluhubha utalagu kwiSundowns awePremiership

IPirates iyabuyela kwiCAF Confederation Cup nangesizini ezayo kanti nakuleli ibhekwe ukuthi yenze kangcono kwiligi nasezindebeni.

“Amava asemaningi kakhulu kuleli qembu manje. Ukuya phamabili, kuzomele sizikhandle ngokuphindiwe futhi sikhombise ukuthi singabadlali basezingeni elikhokhelayo,” kusho uMotswari.

IPirates izovula isizini ngomdlalo ongelula njengoba izobhekana neSwallows kwiMTN8 ngoMgqibelo ozayo. Ngemuva kwalokho iyobe seyivula eyeDStv Premiership neStellenbosch FC ngo-Agasti 21.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.