UMotswari uzobuyela ejimini, icala lokushaya nesibhamu selisuliwe

UMotswari uzobuyela ejimini, icala lokushaya nesibhamu selisuliwe
UBen Motswari
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke abuyiselwe ejimini neqembu kwi-Orlando Pirates uBen Motswari owamiswa kulandela ukuboshwa kwakhe emavikini amabili edlule.

UMotswari walandwa amaphoyisa ejimini yeqembu kulandela ukuba evulelwe icala lokushaya intombi yakhe anengane nayo.

IPirates yabe seyisheshe immisa lo mdlali ngenhloso yokuthi amaphoyisa angaphazamiseki emsebenzini wawo.

Ngaphezu kwalokho leli qembu linomkhankaso wokuqeda lo mkhuba omubi wokushaywa nokuhlukunyezwa kabantu besizafane oyisihlava esibi kuleli.

Kodwa sekubikwe ukuthi icala labuye lahoxiswa kanti sekuvela nezinsolo zokuthi inhloso yokuvulwa kwalo kwakuwukumehlisa isithunzi uMotswari.

Kuthiwa lokhu kwenziwa ngabathile abanezinhloso zabo ezingezinhle okuthiwa bahlohla intombi ukuba ivule icala.

“Ngiyazi abantu bayazibuza ukuthi uStiga (igama lesidlaliso likaMotswari) ubuya nini ngoba icala selisuliwe.

“Lento yecala kwakuvele kuyinto yokuzifunela udumo kwale ntokazi,” iPhakaaathi icaphune umthombo usho kanje.

“Wabona nje nokubikwa kwayo le ndaba kwaze kwavezwa ukuthi uBen wakhipha isibhamu esabisa ngaso abantu.

“Wena uma umbheka nje uyileyonhlobo yomuntu ongakhipha isibhamu emphakathini azi kahle lokho kungamlahlekisela ngekusasa lakhe?

FUNDA NALA: UMaMkhize nendodana yakhe basuse umsindo bepha abadlali imali esidlangalaleni

“Hhayi lento ayihlangani neze nje, ngikusho lokhu ngoba sengike ngazibonela kaningana uBen nale ntombi yakhe bexabana.

“Izimpi zabo zivamise ukufana nje nezanbanye abantu abathandanayo. Angikholwa wukuthi unaso kwasibhamu leso.

“Uyawuthanda futhi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe uBen ngakho angimboni nje enza into engamlahlekisela ngawo.

“Okuhle ke kodwa wukuthi uyabuyela ejimini kuleli sonto eliqalayo ngoba uphenyo lwamaphoyisa alukutholanga konke lokhu asolwa ngakho.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.