UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook
USiyabonga Mpagela useyazisola ngesenzo sakhe sokulaxaza isitebela seLudonga Boxing eThekwini ngoba esethenjiswe ubukhazikhazi beGoli. Lo mshayisibhakela waseMpangeni, enhla neKwaZulu-Natal uthi kwabe ukuzwa izinti ezinhle azozenzelwa eGoli kwaduma ikhanda.
UMpangela waya eGoli endiza ngoba ezibona efana nabantwana bakwa-Israel okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ababethenjiswe izwe loju nobisi. Kodwa ke wabuya esehlehla, esefana nenja ebanjwe idla amaqanda kwamakhelwane.
Ezimpini ezimbili azilwa eseseGoli, uMpangela wehlulwa kuzo zombili, bemgqingqa phansi ingqakala yathamela ilanga. Wavuka lapho wayibona ephinda ekhaya eThekwini, wayoshaya indesheni kuThulani “Nkunzi” Magudulela ongasekho.
“Ngadlala abantu ngalandela udumo nemali eGoli,” kusho uMpangela exoxa neMpempe ngoLwesine. “Nokho izibani eziwubukhazikhazi ezazingihuhile zavele zacima sengikhona kwavele kwaba mnyama.
“Ngaphukelwa nayirekhodi lami lokungehlulwa. Namuhla ngabe ngingumpetha ukube angiluthwanga wudumo ngoba uMagudulela wayekholelwa kakhulu kimi.”
Ngesikhathi eseGoli wehlulwa kabuhlungu nguLayten Gloss noMogale Molefe, abamngingqa kulandelana ezimpini ezaziseTurfontein Race Course nasePressleys Restaurant, eBoksburg ngokulandelana.
“Kwahlula ngisho bengitshela abanye ukuthi lobu bukhazikhazi engibubonayo bufana notshani obuluhlaza, buhle uma ukude. Ngaphikelela ngoba ngase ngivaleke amehlo nezindlebe sekuduma iGoli ekhanda lami.
“Ngase ngihlezi ngicabanga ngezinto engangithenjiswe zona ngumqeqeshi waseGoli,” kuchaza uMpangela Ujabule ngokuthi useke walithola ithuba lokugeza igama lakhe njengoba esabuyela eLudonga Boxing Promotions.
FUNDA NALA: Owayengumgadli weChiefs usola umqeqeshi owayefuna ukumyekisa ibhola
Esebuyele ‘ekhaya’ kwiLudonga, ulwe no-Arnel Lubisi, wamgingqa phansi empini ebiseSandton Convention Centre khona eGoli. Uthi lokhu kumbuyisele ithemba lokuthi usazokwazi ukufika ezingeni ayelifisa lokudla izicoco.
“Kumanje ngikhuza ngize ngikhahlele uma amabhokisa ekhuluma eyokuthi afuna ukuhamba ayozama eGoli. Ngiwatshela ukuthi awahlale lapho ehlezi khona uma kungonakele lutho,” kuphetha Mpangela.