UMpengesi usejikile, ukhulule uHunt ukuba azenzele akuthandayo eqenjini

UMpengesi usejikile, ukhulule uHunt ukuba azenzele akuthandayo eqenjini
USivuyile Mpengesi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi usefana nomuntu ozelwe kabusha. Lesi sikhulu sizakhele igama elibi kule minyaka edlule ngokusheshe siphunyuke sixoshe umqeqeshi uma nje sike sasola ukuthi akuz kahle.

Lesi senzo sakhe senze ukuthi iqembu lihlezi livika izembe ngenxa yokuthi alukho uzinzo kulo. Kuthi umqeqeshi A esathi uyajwayela, axoshe kulandwe umqeqeshi B.

Naye uB uthi esathi ufaka umoya wakhe kubadlali, akhonjwe indlela kulandwe omunye. Yongakho ke neqembu lakhe ligidagida ndawonye nje.

Kodwa ke usekubonile lokhu njengoba ethi kulokhu wenza izinto ngendlela ehlukile. Uthi usebonile ukuthi ngeke elokhu enza izinto ngendlela eyodwa kodwa alindele imiphumela ehlukile.

Unikeze umqeqeshi omusha uGavin Hunt igunya lokuzisayinela nokuziphathela abadlali ngendlela ayenza ngayo kwiSuperSport United neBidvest Wits. 

UHunt wadla inqwaba yezicoco nalamaqembu ngenxa yokunikwa igunya lokwenza ngendlela athanda ngayo ekuphathweni kwabadlali. 

“Umqeqeshi ofana noGavin udinga ukunikwa igunya elikhulu ukuze awenze kahle umsebenzi wakhe,” usho kanje kwabe-InkSport.co.za uMpengesi.  

“Into yokuqala ayenza kwaba wukudedela abadlali ababephelelwe yizinkontileka. Washeshe wakucacisa nje ukuthi ngeke azivuselele izinkontileka zabo.

“Phambilini besimsayinela abadlali umqeqeshi, asikwenzanga lokho kulokhu. Sinike uGavin igunya lokuzikhethela abadlali abadingayo eqenjini. 

“Udedele abadlali abafana no-Andile Mbenyane, Frederic Nsabiyumva no-Ayabulela Konqobe. Thina besizobagcina laba badlali ukube bekuya ngathi.

FUNDA NALA: UMosele ucishe wazakhela igama elibi kwiPirates, kodwa wazigeza ngegoli

“Asibona abaqeqeshi ngakho besingeke simphikise kulokho. Bekunzima ukudedela umdlali ofana noMbenyane osehlale isikhathi eside eqenjini.

“UGavin wakubeka kwacaca ukuthi akungoba kukhona inxa anayo nalaba badlali,” kuchaza uMpengesi.

IChippa iyiqale kahle ke isizini njengoba ishaye iSekhukhune United ngo 1-0 ekuhambeni emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.

Umdlalo wesibili uzothanda ukusinda nokho njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ekhaya ngoLwesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.