UMpengesi uzophinde axoshe omunye umqeqeshi

ULuc Eymael wake waxakazisana noSteve Komphela esacija iKaizer Chiefs

MTHOKOZISI MNCUSENI

IChippa United izoxosha umqeqeshi emqashe ngoMsombuluko.

Ngokutholwa kwe-Impempe.com, uSiviwe Mpengesi uzophoqeleka ukuba adedele uLuc Eymael amqashe njengosomaqhinga ngoMsombuluko.

Ukuqashwa kuka-Eymael waseBelgium kususe omkhulu umsindo eNingizimu Afrika kwazise unuka iqaqa ngesenzo sakhe sanyakenye esaqeqesha eTanzania.

“Kuzokuba nomhlangano ngoLwesithathu ntambama lapho u-Eymael ezokwaziswa khona ngesinqumo esesithathiwe ngekusasa lakhe eqenjini.

“Ingcindezi uMpengesi ayithole kwabezepolitiki nakwiSouth African Football Association (Safa) ubengeke ayimele,” kusho umthombo.

IChippa ikuvumile ukuthi ukhona umhlangano ozoba khona ngoLwesithathu kodwa ayizange iphumele obala ukuthi kuzobe kukhulunywa ngani kuwona.

Sekungokwesibili uMpengesi ephoqeleka ukuguqula isinqumo sakhe ngokuqasha u-Eymael kwazise ngoDisemba ugcine ethatha uDan Malesela ngenxa yayo ingcindezi ngokuqasha le ndoda yaseBelgium enuka iqaqa kwabaningi.

Ngaphandle kwesenzo sakhe saseTanzania ngoJulayi nyakenye esaqeqesha iYanga Africans yakhona, lapho u-Eymael ebize khona abalandeli baleli qembu ngezinkawu ezingafundile, unyanywa ngisho abanye abaqeqeshi abaphezulu kuleli.

Unomlando wokuba nezimpawu zokungabazi nokuthi bayini abantu bebala elimnyama okuyimbangela yokuthi ukuqashwa kwakhe kuze kungenelelwe izinhlangano zezombusazwe.

I-EFF, ePort Elizabeth ishaya phansi ngonyawo ukuthi ngeke asebenze kulesi sifundazwe lo mqeqeshi ngoba unomlando wokucwasa ababela elimnyama.

Useke wacelwa uSteve Komphela ngamankomane ngakho belu ukuzibona ukuthi ungcono kunabanye abaqeqeshi. Ngaleso sikhathi wayengafihli ukuthi yena angenza umsebenzi ongcono kunoKomphela (ezazimnetha kwiKaizer Chiefs).

Kuthiwa uMpengesi usatshiswe nangokuthi uzovalwa ngisho oxhasweni alutholayo uma eqhubeka nendaba ka-Eymael.

Ugcine ephoqeleka uMpengesi ukuthi amdedele ngoba akavumelekile ukusebenza eNingizimu Afrika.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *