Umpetha ubona kuzoshuba kwiComrades Marathon ka-2022

U-Edward Mothibi ovikela isicoco seComrades Marathon
Alfred Ngubane

U-Edward Mothibi, ongumpetha weComrades Marathon, uthi kuzoba ngumqansa ukuvikela isicoco seComrades Marathon ka-2022 ezokuba ngo-Agasti 28.

Lo mgijimi uthe kunabasubathi abaningi abangaqondakali kahle njengoba bayingozi, kanti kuzoba nzima kakhulu ukuthi kukhona umuntu ozomgada.

“Bekuluna kakhulu ukugada uBongumusa Mthembu ngoba besimazi ukuthi sizomshaya kanjani. Ngibona ukuthi lo mjaho unganqotshwa noma ngubani kulokhu,” kusho uMothibi.

Kubasubathi abanamava abalindelekile kukhona uMthembu we-Athour Ford oseyinqobe amahlandla amathathu iComrades Marathon, uGift Kelehe noDavid Gatebe beNsika abayinqobe kanye emunye, uLudwick Mababolo osayinqobe kanye, uClaudio Mochiywa osayinqobe kanye. Bonke laba banamagolide amane kwiComdrades Marathon ngokungena kwabayishumi.

UNkosinathi Mohlakwana weHollywoodbets ubhekwe ngamehlo abomvu njengoba edlondlobala. Kukhona noSiboniso Sikhakhane wePhantane AC, owaphuma endaweni yesithathu kwiTwo Oceans Marathon. Lo mjaho ukhuza ibuya njena uzogijinywa ibanga elingu-89 km njengoba uzoqala eMgungundlovu eCity Hall ekuseni ngo-5.30, uphelele eThekwini eMoses Mabhida Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.