UMphahlele uqiniswa idolo ukubuya komgadli weChiefs

Sihle Ndlovu

URamahlwe Mphahlele ogqoka ibhande likakaputeni kwiKaizer Chiefs kulezi zinsuku, ukholwa wukuthi iqembu kwakumele lishaye inqwaba yamagoli ngesikhathi libhekene nePrimeiro de Agosto yase-Angola emlenzeni wokuqala eFNB Stadium, nyakenye.

La maqembu azophinde atholane phezulu emlenzeni wesibili weCAF Champions League, e-Estadio 11 de Novembro, e-Angola, ngoLwesibili ngo-5 ntambama. Umdlalo wokuqala waphela ngo 0-0 eNingizimu Afrika yize Amakhosi athola inqwaba yamathuba.

Okwenza ukuthi uMphahlele aqine idolo ukuthi kubuye umgadli uSamir Nurkovic eqenjini, okwaziwayo ukuthi akalibheki ipali. Lo mdlali waseSerbia ubengakaze adlale kule sizini ngenxa yokulimala, nezinye izinkinga ezivele ngemuva kokululama kwakhe.

“Kwakumele siwuwine umdlalo womlenze wokuqala kalula. Sasingawina ngo 3-0 noma ngo 4-0. Sageja inqwaba yamathuba futhi njengamanje singajabulela noma ubani ongafika asisize sishaye amagoli. Siyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza uSamir kodwa ngeke sifake ingcindezi enkulu kuyena, sithi usubuyile manje kumele usishayele amagoli,” kusho uMphahlele.

“Noma kungathiwa wenza abanye abadlali bakwazi ukushaya amagoli sizojabula. Sinenqwaba yabadlali abakwazi ukushaya amagoli abafana noKhama (Billiat), Castro (Leonardo), Lazarous (Kambole), Zuma (Dumisani), ngisho noTower (Erick Mathoho) imbala. Ngeke sibeke wonke amathemba ethu kuyena (uNurkovic). Sifuna ukumnika isikhathi naye ngoba siyazi ukuthi ubengadlali isikhathi eside. Ngeke silindele imilingo kuyena kodwa ubenza kahle uma siziqeqesha, ngethemba ukuthi uzoqhubeka kanjalo nasemdlalweni. Kodwa wonke umuntu ujabule ngokubuya kukaSamir ngoba siyazi ubalulekile eqenjini.”

Mayelana nomdlalo uMphahlele uthe bazimisele ngokuwina ukuze badlulele emidlalweni yamaqoqo yeChampions League.

“Umdlalo obalulekile kithina lona. Siqale ukulungiselela lo mdlalo ngonyaka odlule. Iqembu libukeka likahle, abafana babuyile futhi bayimiqemane. Sikulungele ukulwa kodwa siyazi ukuthi kuzoba nzima. Sinethuba elihle lokudlulela emidlalweni yamaqoqo okuyinto esiyizele lapha,” kusho uMphahlele.

“Wonke umuntu uyazi ukuthi mkhulu kangakanani lo mdlalo. Sifuna ukufaka iqembu kweyamaqoqo ukuze sincintisane namaqembu amakhulu e-Afrika.”