Umphathi weSwallows uchitha eyokubonakala kukaNgcobo ekhaya leChiefs

Umphathi weSwallows uchitha eyokubonakala kukaNgcobo ekhaya leChiefs
UNjabulo Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukulungiselela isizini entsha ngabadlali abasha sekuqalile kwiKaizer Chiefs eshaye udaka olunzima ngesizini ka-2020/21 okungesikhathi esingakanani igoqiwe.

Ezivela eNaturena zizojabulisa abalandeli baMakhosi ikakhulukazi njengoba kwenzeka nesizini ezayo isekude ukuqala. Abanezintamo ezinde okwezindlulamithi, abalunguze esibayeni sikaKaizer Motaung, babuye bahlebela impempe.com ukuthi kubonakale kuthi shazi uNjabulo Ngcobo, obedlalela iSwallows FC, Sibusiso Mabiliso, obekuMaZulu FC, Kgaogelo Sekgota, naye obekwiSwallows, Phathutshedzo Nange, obekwiStellenbosch FC noSifiso Hlanti naye obegijimela iZinyoni zaseDube.

Kuthiwa laba badlali banikwe uhlelo lweChiefs lokulungiselela isizini entsha, futhi bazoba khona ekhempini yeqembu ePolokwane kusukela ngoJulayi 3. Akekho ofuna ukuyithi vu ezikhulwini zaMakhosi mayelana nalokhu, kodwa kuyacaca ukuthi sekuqediwe nabo bonke laba badlali njengoba bebonakale eNaturena nje.

UNange noHlanti bekuvele kulindeleke ukuthi basayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule, nakhoke seyinqandwa isigwebo seFifa sokuthi ingabasayinisi abadlali. UMabiliso impempe.com ike yabika ngaye iqinisekisa ukusuka kwakhe kuMaZulu nokuthi ubesesayine inkontileka yesikhashana neChiefs.

UNgcobo ubelokhu emataniswa neChiefs sekuzophela isizini edlule kodwa bekuvela ukuthi ayiyodwa njengoba ekhona amanye amaqembu abemcathamela. Lo mdlali wasemuva ube nesizini enhle kakhulu neZinyoni waze wazithola ebizwa kwiBafana Bafana.

Nokho usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa uyichithole ekaNgcobo wathi ngamampunge nje. Uthe bona banenkontileka naye okusasele iminyaka emibili kuyo.

“Kungaba yichilo uma ebonakale eNaturena futhi wafike wanikwa uhlelo lokuziqeqesha khona kwazise asimnikanga imvume yokumkhulula,” ubhale kanje uMogashoa kwiTwitter.

Uveze ukuthi basalindile ukuthi namanye amaqembu abeke etafuleni ukuthi azimisele ukukhokha malini ukuthola lesi sitobha sabo.

“Kwazi bani, mhalwumbe uYogesh (isikhulu seMamelodi Sundowns) usazongifonela nje naye,” kusho oMogashoa.

Omunye umdlali weZinyoni okuke kwavela ukuthi ubheke kwiChiefs uRuzaigh Gamildien obeshayela iSwallows amagoli ngesizini edlule. Ngakolunye uhlangothi kuke kwavela ukuthi umqeqeshi osanda kubuyela kwiChiefs, uStuart Baxter, ukhuluma noBongani “Ben 10” Zungu ukuthi ajoyine Amakhosi.

Lo mdlali usemabhukwini e-Amiens yaseFrance kanti ubebolekiswe kwiRangers FC yaseScotland awine nayo isicoco seligi nayo ngesizini esanda kuphela.

Nokho kuyavela ukuthi uBen 10 umba eqolo futhi kungamele aholelwe imali ebhekile uma egcina evumile ukuya eNaturena.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.