UMphela usola ubuthuntu kubagadli nokusunduzwa kukaPitso kwiBafana

UMphela ukhala ngobuthuntu babagadli bamanje nokusunduwa kukaPitso
UKatlego Mphela ngesikhathi esadlala kwiBafana Bafana
OkaDonga Gumbi

UKatlego “Killer” Mphela owayengumgadli weMamelodi Sundowns uthi namanje kusaqaqamba inhliziyo ngokuhluleka ukuphula ilekhodi likaBenni McCarthy lokuhlohla amagoli angu-31 kwiBafana Bafana.

Lo mgadli uthi ukushintshashintsha abaqeqeshi kwaba nomthelela ongemuhle njengoba iBafana isadonsa kanzima nje namanje.

“Akekho umdlali oyokwazi ukuphula irekhodi likaBenni McCarthy ikakhulukazi kulaba abadlalayo njengamanje ngenxa yezinga eliphansi,” kusho uMphela.

“Nami ngalizama ngezikhathi zami. Kodwa njengamanje izinga labagadli liphansi babukeka bengakulambele ukuhlohla amagoli.

“Umgadli udlala imidlalo elishumi ashaye igoli elodwa. Yini nje leyo? Nabaqeqeshi abaningi bayahluleka ukucija abagadli, bacebisa abadlali baseswini ngezindlela zokuhlasela.

“UPitso Mosimane kuphela umqeqeshi okwazi ukusiza abagadli. Mina wayengivusa ngo-3 ekuseni athi angibuke umgadli waseNetherlands noma e-United States of America. Lapho yena ubhala amanothi.”

FUNDA NALA: UNcikazi uthi kubuhlungu okwehlele iPirates eNigeria

Uphinde waveza ukuthi ukuba kwaqhubeka uMosimane kwiBafana ngabe wakwazi ukuphula irekhodi likaMcCarthy.

Khonamanjalo uMphela ungomunye wezinkakha eziyithimba elizonikezela iSundowns izindondo nendebe yayo yeDStv Premiership.

ISundowns iqedela imidlalo yeligi esivele iyinqobile neRoyal AM eChatsworth Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Kubhekwe umdlalo omuhle kwazise lamaqembu asefomini enhle womabili kanti kunanegqubu elikhona njengoba iSundowns kuyiyo eyawashisa ezikaMaMkhize ijezi kwiNedbank Cup.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.