UMphela uthi kuzophela ukucanasa kweSundowns kule sizini

UMphela uthi kuzophela ukucanasa kweSundowns kule sizini
UKatlego "KIller" Mphela
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UKatlego “Killer” Mphela, owake wadlalela iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, ubona amaBrazilians enethuba lokudlula kuMakhosi ngempelasonto.

ISundowns izokwamamukela iChiefs emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-5 ntambama.

“Kuzoba umdlalo omnandi kakhulu ngokubona kwami. Nakanjani iChiefs izobe ifuna ukuziphindiselela njengoba ishayiwe kwiMTN 8,” kusho uMphela.

Le ngwazi yayingalibheki ipali ngesikhathi idlalela iSundowns, Chiefs neBafana Bafana. Ukhululuma kanjena nje uMphela iSundowns isanda kuwashisa iChiefs ijezi kwiMTN 8.

“Uma ubheka iSundowns inesikwati esihle kakhulu. Ngeke uyikhohlwe iChiefs ngoba abadlali abafana noKhama Billiat noKeagan Dolly bazobe befuna ukuzibonakalisa njengoba beke badlala kwiSundowns.

“Ngingakusho kodwa ukuthi izinto zizobe zivuna iSundowns ngoba inesikwati esikhulu futhi esinamava kakhulu.

“Kungase kudlule yona kulo mdlalo,” kulanda uMphela. Abalandeli abaningi bebhola eNingizimu Afrika bayamgxeka
umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter ngokuthi akabadlalisi abadlali abasha.

Lapha sikhuluma ngabadlali abafana noSibusiso Mabiliso, Njabulo Ngcobo noThabani Dube, bonke abadlala emuva.

Ngabe uMphela ucabanga ukuthi uzolishintsha iqembu uBaxter esebhekene neSundowns ngempelasonto?

“Ngokumazi kwami uBaxter, ngeke alishintshe iqembu elizodlala ngempelasonto. UBilliat useyabuyela efomini yakhe kanti uDolly wenza kahle esiswini uma efakiwe.

“Kuthatha isikhathi ukuthi abadlali abasha bajwayele eqenjini elisha. Lokho kusuke kungasho ukuthi ababona abadlali abahle, ngokwazi ngami.

“Abadlali abasayiniswe yiChiefs bahle kakhulu,” kusho uMphela. Uthe iSundowns izokuthola ukuncintisana okuhle kulokhu futhi kuzobe kungaveli emaqenjini athathwa njengamakhulu kuphela.

FUNDA NALA: UMaxase uthembisa ukufukula ezemidlalo eMgungundlovu

Ngesizini edlule iChiefs yilona lodwa iqembu elishaye iSundowns emidlalweni yeligi. “Akuyona iChiefs ne-Orlando Pirates kuphela abazophusha iSundowns.

“ISwallows nayo ngilindele ukuthi yenze okufanayo, kanjalo neChippa United. UGavin (Hunt) uyiqale kahle isizini ngakho ngilindele ukuthi alifukule leli qembu.

“Ungumqeqeshi onamava kakhulu. AmaZulu nawo ngilindele ukuthi enze kahle. Kuzoba yisizini ehluke kakhulu
kwiSundowns uma kuqhathaniswa namanye amasizini,” kuphetha uMphela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.